KUKHULEKELWE abasebenzi bakaMasipala uMhlathuze kulandela isigameko esishaqisayo sokubulalana konogada ngaphakathi emahhovisi kamasipala ngesonto eledlule. Abefundisi, abasebenzi, izikhulu zikamasipala nezinhlaka ezehlukene bahlangane eRichards Bay Civic Center kwaba nenkonzo yokukhulekela izimo ezehlukene. Lokhu kulandela ukuthi ngoLwesine olwedlule ekuseni kwafa uMnuz Ntokozo Mthembu obeqapha imeya (uMnuz Xolani Ngwezi) okuthiwa wadutshulwa uzakwabo emuva kokuthi evulele ngenhlambu kuMnuz Simo Zulu oqapha imenenja kamasipala.
Okhulumela umasipala uMnuz Bongani Gina, uthe ngomkhuleko kuhloswe ukuletha ukuthula kumasipala, ukuthoba amanxeba kubasebenzi ababona okwenzeka kanjalo nemindeni elahlekelwe abathandiweyo bayo.
"Sibize ongoti abeluleka ngokwengqondo ukuzokweluleka abathikanyezwe yilesi sigameko. Nabasebenzi sibathumelele umbiko wokuthi bangesabi baphumele obala uma benengcindezi. Umasipala uzimisele ngokuthi baxhumane nabaphathi uma bedinga ukuba sekhaya. Kukhona nabathuswa ukubona ama-video nokungabathikamiza, sifisa bavele bathole usizo," kusho uGina.
Amaphoyisa esifundazweni KwaZulu-Natal ebuzwa ngalesi sigameko athe asematasa nophenyo. Selokhu senzeka abantu bazwakalisa ukushaqeka ezinkundleni zokuxhumana. Babodwa abanovalo lokuya emahhovisi njengoba umasipala usiza umphakathi ngezinsiza ezehlukene. UGina uthe amalungu omphakathi ayekhona kwenzeka isigameko bacela avele azokwelulekwa ngokwengqondo.