AMALUNGU ePhalamende avumelane ngokuthi abazolahlwa yicala lokuvimba abafundi ukuthi baye ezikoleni ngoba bebhikisha noma abazali abangafuni izingane zabo zifunde, bagqunywe ejele isikhathi esiwunyaka noma bakhokhe inhlawulo.
La malungu abebhunga eyokuthi kunyuswe isikhathi esizodonswa abazali noma umphakathi ovimba abafundi ukuthi baye ezikoleni uma kuneziteleka noma kukhalwa ngezidingo.
Amanye amalungu ekomiti lezemfundo abebuza ukuthi kungani kunyuswe isikhathi esizodonswa abavimba abafundi ukuthi baye ezikoleni sisuka ezinyangeni eziyisithupha kuya kwezingu-12.
UMnuz Baxolile Nodada we-DA, ubuze ukuthi bakhona yini abake baboshwa izinyanga eziyisithupha uma bevimba izingane zabo ukuthi zingayi ezikoleni njengoba manje kuzonyuswa kube izinyanga ezingu-12.
UMnuz Mzwanele Manyi we-EFF uthe kumele sinyuswe isikhathi esizodonswa abanqabela abafundi ukuthi baye ezikoleni ngoba izinyanga ezingu-12, zincane.
USihlalo wekomiti uNkk Bongiwe Mbinqo-Gigaba, uthe bazovumelana ngokuthi labo abazonqabela abafundi kumele badonse izinyanga ezingu-12.
Uthe nakwamanye amazwe lo mkhuba uyenziwa kulabo abavimba izingane ukuthi ziye ezikoleni.
“EJamaica isigwebo sabavimba abafundi izinsuku ezingu-14, eBahamas inyanga eyodwa, eNigeria izinyanga ezimbili, eSingapore izinyanga ezingu-12, eNgilandi iznyanga ezintathu kuthi eMalaysia izinyanga ezingu-6. Ngakho akuthina kuphela siwuMzansi esigweba abaphazamisa abafundi.”
UMnuz James Ndlebe woMnyango weMfundo eyisiSekelo, uthe bazothola isizathu sokuthi kungani umzali egoloza ukuthi ingane yakhe iye esikoleni.
Uthe abanye bangakhala ngokuthi izingane zabo kudingeka ziwele imifula uma ziya ezikoleni kanti amabhuloho awekho ngakho bazolinda ukuthi zize zithi ukukhula ngaphambi kokuba baziyise ezikoleni.
“Kuzobhekwa izizathu ezenza ukuthi lowo mzali angayiyisi ingane yakhe esikoleni. Labo abazivimba ngoba beteleka bona asinazwelo kubona. Abanye abazali bavalela izingane zabo bangafuni ziye ezikoleni ngoba zikhubazekile. Lowo mzali uphuca ingane ilungelo layo lemfundo,” kusho uNdlebe.
Uthe njengoba kuzoba yimpoqo ukuthi zonke izingane ziqale kwaGrade R, kusho ukuthi ayikho ingane okumele ingafundi.
Okunye okubalulwe emhlanganweni oqhubekayo ngomthethosivivinywa wezikole, ngukuthi uthishanhloko kumele azi ukuthi kwenzekani ngomfundi osekuphele izinsuku ezintathu engekho esikoleni.