BAZOBUYISELWA kuleli ezinsukwini eziyisikhombisa kuya kweziyishumi abantu abangu-151 bakuleli abebeseWuhan, eChina, okuyindawo enabantu abaningi abahlaselwe yigciwane iCovid19, eyaziwa ngeCoronavirus.
UNgqongqoshe wezeMpilo kuleli uDkt Zweli Mkhize obekhuluma esithangamini sabezindaba ebesisesikhumulweni sezindiza
i-OR Tambo International Airport, ngeSonto uthe abazobuyiswa bazicelele ukubuya, uhulumeni wakuleli wase uvuma ukuthi ababuye akukho obekungahambi kahle bebenakekelwe kahle futhi eChina.
Lesi sithangami sabezindaba besihlanganise ithimba eliqokwe ngumengameli wakuleli ukuze libhekane nalolu daba.
Kuleli thimba kukhona uDkt Mkhize, uNgqongqoshe wezaseKhaya uDkt Aaron Motsoaledi, uNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi kuleli uNksz Lindiwe Zulu, iphini likaNgqongqoshe wezeMpilo kuleli uMnuz Joe Phahla, uLieutenant-General Zola Wiseman Songo Dabula wophiko lwezempilo embuthweni wezempi kuleli,i- SA Military Health Service, uMnuz Chris Chetty umqondisi womnyango wezokuxhumana namazwe angaphandle, umqondisi osabambile emnyangweni wezasekhaya kuleli, uMnuz Jackson Mckay, uDkt Anban Pillay umqondisi obambile emnyangweni wezempilo.
UDkt Mkhize uthe bangu-201 abantu bakuleli abaseWuhan kodwa bangu-151 abacele ukubuyela kuleli, abangu-16 uthe bathe bafuna ukusala abangu-34 bathe basacabanga, oyedwa kubo uveze ukuthi angathanda ukuya e-India. Bonke laba uthe abanalo leli gciwane okwamanje.
Lolu hlelo lokubuyiswa uthe luhlukaniswe kathathu, ukuqoqelwa ndawonye kwalaba abafuna ukubuya, ukususwa kwabo eChina, ukuhlowa kwabo begcinwe endaweni eyodwa, ukuhlanganiswa kwabo nemindeni.
Uma sebekuleli bazogcinwa endaweni abazohlala kuyo izinsuku ezingu-21, behlolwa ukuthi abazange batheleleke ngaleli gciwane ngesikhathi bephuma eChina, lolu hlelo luzobe luholwa wuphiko lombutho wezempi.
Okwamanje uthe akekho umuntu wakuleli okusatholakale ukuthi unaleli gciwane, bakhona asebeke bahlolwa ngoba besolwa ukuthi banalo.
Uthe ababili okuthiwa bebesebenza emkhunjini waseJapan, iDiamond Princess bebengabazi.
Uthe basiqaphile isimo kanti iNingizimu Afrika ikulungele ukubhekana naleli gciwane kodwa uyazi ukuthi kunemibiko ethi ayikulungele.
UDkt Aaron Motsoaledi uthe iNingizumu Afrika inesikhungo sokucwaninga uketshezi esisezingeni lesine kanti amanye amazwe anezikhungo ezisezingeni lesithathu.
“Yebo lesi sikhungo sisodwa kuleli kodwa sisezingeni eliphezulu futhi sihlonzwe yinhlangano yezempilo emhlabeni njengesizosiza amanye amazwe ase-Afrika ngenxa yokuthi sisezingeni eliphezulu. Angazi ukuthi ukungatshazwa kuphuma kuphi,” kusho yena.
UNksz Zulu uthe uMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi kuleli uzohlinzeka ngokudla abantu okungenzeka baqoqelwe ndawonye besahlolwa ukuthi abanalo leli gciwane. Uthe ababheki ukuthi baphuma kuliphi izwe nokuthi bebeyokwenzani.
Isitatimende esithunyelwe yinxusa laseChina elikuleli, sithe isinqumo esenziwe wuhulumeni waseNingizimu Afrika senziwe ngenxa yokukhathazeka kokuthi sekuphele inyanga bantu begcinwe eWuhan, okubenze bafuna ukubuyela emakhaya.
Siqhuba sithi uhulumeni waseChina wenza konke okusemandleni ukubhekana naleli gciwane futhi usukhona umehluko ngoba bayehla abangenwa yileli gciwane, nabashonayo, baningi asebelashiwe.
NgoFebhuwari 4 bebengu-3,887 abangenwe yileli gciwane ngosuku ngoFrebruwari 26 bangu-433 abangenwe yileli gciwane. Siqhuba sithi bangu-32, 495 abelashelwe leli gciwane badedelwa ezibhedlela selokhu libhedukile okuchaza ukuthi ukhona umehluko.
UDkt Mkhize uqhube wathi zonke izinsuku ithimba lakuleli eliqokelwe ukubhekana naleli gciwane belixhumana nabakuleli abaseWuhan kusukela kubheduke lesi sifo. Kubo ubengakaze abe khona othi ufuna ukubuyiselwa ekhaya, ucabanga ukuthi ukuhamba kwezinsuku bekuleliya lizwe kuholele ekutheni bafise ukubuyela ezweni lakubo.
Uqhube wathi asikho isivimbelo esibekwe elakuleli kubantu abaphuma kwezinye izindawo zaseChina okungeyona iWuhan neHubei.