BAZOSHUSHISWA abelaphi abazovuma ukubhalela noma ngubani incwadi yokuthi angayi emsebenzini.
Lokhu kushiwo uNkk Gugulethu Mchunu, owusihlalo obhekelele inyakatho yeTheku enhlanganweni yabelaphi, i-Ethekwini Traditional Health Practitioners, ngesikhathi eyala abelaphi bendabuko. Lokhu kumayelana nokuthi uhulumeni ufuna babhalise emkhandlwini wezinyanga ukuze bakwazi ukukhipha izincwadi zokuqinisekisa ukuthi iziguli zabo bezigula.
"Njengamanje uhulumeni ufuna sibhalise. Belaphi leli akulona ithuba lokuthi abelaphi banikeze abantu izincwadi zezinyanga ezintathu kuya phezulu, okugcina kufake abasebenzi ezinkingeni. Awukwazi ukunikeza umuntu obezihlalele ekhaya ezidlela utshwala incwadi yokuthi ubegula.
“Kumele siqaphele ngoba lokho kuzokwenza ukuthi siboshwe ngoba nodokotela akakwazi ukubhalela isiguli incwadi engasibonanga. Lokhu kwenzelwa ukuthi sihleleke, saziwe ukuthi singobani nokuthi silandele imigomo ezobe ihambisana nokuthi ubhalisile,“ echaza.
Uqhube wathi omunye wemigomo ohambisana nokubhalisa ngaphansi komkhandlu wokwelapha ngokwendabuko ukuthi ube nenhlangano obhalise kuyo okuyiyo eyaziyo ukuthi imithetho yokuba umelaphi uyilandele yonke yini.
UNkk Mchunu ubesho lokhu esigcawini sokucobelelana ngolwazi sezinsuku ezimbili sabelaphi bendabuko ebesihlelwe yiNyuvesi yaKwaZulu-Natal, esiseNanda, esiqale izolo, esizophela namhlanje.
Kulesi sigcawu uSolwazi Nombulelo Magula, wophiko olufundisa odokotela ngokwelashwa kwezifo, uthe ngesikhathi sobhubhane lweCovid-19, bafunde ukuthi abantu abanezifo ezingamahlalakhona yibona abagula kakhulu, abanye bashona. Ngenxa yalokho, babone ukuthi kumele umphakathi wonke usebenzisane ukuze kulawulwe izifo ezingamahlalakhona.
"Esikwaziyo ukuthi u-70% weziguli uqala ngokuya kumelaphi ngaphambi kokuthi uye ezikhungweni sezempilo. Ingakho kubalulekile ukuthi sisebenzisane sonke. Sifisa ukuthi abelaphi bakwazi ukuhlola izifo ezifana nomfutho wegazi, ukusebenza kwezinso nesifo sikashukela okuyizona zifo ezidlange kakhulu eThekwini, ukuze sikwazi ukulwa nazo zingakagxili kakhulu. Sigweme nokushayisana kokwelashwa kwesintu nokwasentshonalanga," kucacisa uSolwazi Magula.
UMnuz Enerst Gwala ongumelaphi, uthe inkinga ekhona ukuthi imitholampilo ayibahloniphi abelaphi.
"Kungenzeka yini ukuthi umtholampilo udlulisele isiguli kimi noma usibuyisele kimi. Cha ngeke kwenzeke ngoba konke okwethu kungcolile. Uma singasebenzisana ngokweqiniso singakwazi ukuhambisana nesifiso senhlangano yempilo yokuthi sehlise izifo ngo-2030. Ezinye izifo ezingamahlalakhona siyakwazi ukuzelapha," kusho yena.