BAZOKHALELWA amasongo kaSigonyela abebengamalungu ophiko lwabaqaphi bephini likamengameli uMnuz Paul Mashatile.
Laba baqaphi abayisishiyagalombili bangaphansi kombutho wamaphoyisa babonakala kwividiyo esatshalaliswe ezinkundleni zokuxhumana beshaya abantu abathathu emgwaqweni uN1 ngaseFourways eGoli.
Ngemuva kwezinsuku ezimbalwa kusabalele le vidiyo, kwanxuswa i-Independent Police Investigative Directorate (IPID) ukuba iphenye ngalokhu.
Okhulumela i-IPID, uMnuz Robbie Raburabu, waqinisekisa esitatimendeni esasikhishelwa abezindaba ukuthi baphenya icala lokushaya.
“Umqondisi omkhulu uthole isikhalo esivela kumalungu ePhalamende ehlukene kulandela isigameko okuthiwa senzeke kuN1 North ngaseSandton. I-vidiyo eqoshiwe, ikhombisa amalungu eSAPS eshaya kanzima umshayeli wePolo nalabo ayehamba nabo,” kusho uRaburabu.
Namuhla, uRaburabu uveze ukuthi seluphothuliwe uphenyo nedokodo lidluliselwe kumshushisi womphakathi ngaphambi kokuba bathathe isinqumo sokubopha abasolwa.
Ubuye waveza ukuthi abasolwa bazoboshwa bagqunywe esitokisini esiteshini samaphoyisa eSandton baze bavele enkantolo kuleli sonto.