BAZOQALISWA phansi bonke ofakazi ecaleni lokubulawa kowayengunozinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana, uSenzo Meyiwa.
Isolezwe Ngempelasonto lithole ngemithombo yalo emibili esondelene nophenyo ukuthi kuqalwa phansi konke.
UMeyiwa wadutshulwa wabulawa ekubo kwentombi yakhe uKelly Khumalo eVosloorus eGauteng ngo-2014.
Kuze kube yimanje akekho osagwetshiwe ngokufa kukaMeyiwa. Icala liqulwa eNkantolo eNkulu ePitoli kanti amehlo abaningi athe njo kulona.
Izinguquko ecaleni zidalwe wukuqokwa kweJaji uRatha Makgoatlheng, othatha icala emuva kokumiswa kweJaji uTshifhiwa Maumela obehlalele udaba.
Imithombo ithe kuzoqalwa phansi ofakazi babizwe kabusha nakuba bengeke besalandelana njengasekuqaleni.
Ngokomthombo kulindeleke ukuthi ngoMsombuluko kungene uZandie Khumalo aqale phansi ubufakazi bakhe. Uma sekuqediwe ngaye bese kubizwa abanye ofakazi asebeke bafakaza.
Ebuzwa ngalokhu uZandie uvumile ukuthi uzobe esenkantolo ngoMsombuluko wangafuna ukungena kakhulu kulokho.
“Ngizoya enkantolo ngoMsombuluko lokho kuyiqiniso. Ngicela sihloniphe inkantolo ngoba ngingaphansi kwesifungo, angivumelekile ukuhamba ngikhuluma ngalo ludaba,’’ kuchaza uZandie.
UZandie uchaze nangencwadi ayithumelele uMengameli Cyril Ramaphosa ngecala nokushintsha kwejaji.
Uthe wuyena impela obhale incwadi ecela ukuthi kuthi ukushesha ukuqulwa kwecala ebonga uRamaphosa ngokushintsha kwejaji.
“Ngabhala incwadi ngayiqondisa kumengameli namajaji ngincoma ukuthi kuhle ukubona kanti umengameli uyezwa uma kukhulunywa.
“Siyafisa impela icala lithethwe liqedwe, siqhubeke nempilo yethu,’’ kuchaza uZandie.
Umthombo uqhubekile wagobhoza nokuthi uNksz Mandisa Mkhize owayeyingoduso kamufi, usefakiwe ohlwini lofakazi naye uzobizwa uma kuqhubeka icala.
Ekuqaleni uNksz Mkhize wayengekho ohlwini lofakazi kodwa ufakwe kamuva.
Phakathi kofakazi abase beqedile wuSeargent Thabo Mosia, Seargent Patrick Mthethwa, Mnuz Tumelo Madlala umngani kamufi nowayekhona endlini.
Kubizwe noMthokozisi Thwala naye ongumngani kamufi naye owayekhona endlini.
Icala ngesikhathi ligcina ukuhlala lahlehliswa ngenxa yokuthi ijaji lalibike ukugula.