ABANTU bemiphakathi eyahlukene eKrugersdorp eGoli bathi bazizwa bephephile kulandela ukujutshwa kwezokuphepha kuleya nandawo.
Bakusho lokhu ngesikhathi uNgqongqoshe wamaPhoysa uMnuz Bheki Cele ehambele imiphakathi yaseWest Village naseReitvallei eWest Rand ukuhlola isimo aphinde axoxe nabantu mayelana nezokuphepha.
I-Krugersdorp, okuyindawo eyisizinda sabavukuzi abangekho emthethweni isanda kuba sematheni, kulandela isigameko sokudlwengulwa kwamantombazane awu-8 kanye nokuphangwa kwethimba elalizoshutha kule ndawo ngoJulayi.
Kwaboshwa amadoda awu-14 okukholelwa ukuthi angamalungu eqembu labavukuzi abangekho emthethweni elalizibiza ngamaZama Zama. Abasolwa okukhona kubona nomfana omncane, kulindeleke ukuthi babuyele enkantolo ngomhla ka 28 Septhemba. Babhekene namacala okudlwengula, ukuphanga, neliphatha ukuba kuleli ngokungemthetho.
Abantu bathe selokhu kwatshalwa amaphoyisa kule ndawo, izinga lobugebengu lingcono, kanti nabo bazizwa bephephile. Baqhube bathi nabavukuza ngokungekho emthethweni basamile. UCele uthembise ukuthi amaphoyisa azoqhubeka nokuqapha isimo, ukuze abantu baqhubeke nokuzizwa bephephile.
“ Size lapha ukuzozizwela futhi sizibonele isimo selokhu sajuba uphiko oluyisipesheli. Okubalulekile maje ukuthi amaphoyisa aqhubeke nomsebenzi wawo njengoba bebenza, kuze kube liyehla izinga lobugebengu nokuvukuza okungekho emthethweni kule ndawo ngoba into esiyifunayo ukuthi bugcine buphele nya ubugebengu lapha,"kusho uCele.