Bavukele ehhovisi lezibonelelo zikahulumeni iSouth African Social Security Agency (SASSA) ngoMsombuluko eDurban Station, eThekwini, benengwa ukungayitholi imali yabo.
Abantu bebeqhethe ngaphandle kwamahhovisi bezofuna izimpendulo ngoba sekuphele izinyanga belinde ukuthola imilayezo ebatshela ukuthi imali isingenile kodwa lutho.
Iningi labo likhala ngokuthi kuthiwa aliye emagatsheni ahlukene kodwa alilitholi usizo.
Ekhuluma neSolezwe, uMnuz Lindokuhle Mbhele, ohlala KwaMakhutha, uthe sekungokwesithathu ehambela emahhovisini akwa-SASSA kodwa usizo engalutholi.
“Uma ngibashayela ucingo bangikhomba emagatsheni njengoba ngaya egatsheni eliseMbumbulu, bafike bangichitha, ngagcina ngingasizakalanga,” kusho uMbhele.
Uthe u-R350 uyamsiza ezintweni eziningi njengoba engasebenzi.
“Ngale mali ngiyakwazi ukuzithengela izinto zokugcoba ngiphinde ngikwazi nokukhokha imali yerenti ngoba ngihlala emjondolo. Kwesinye isikhathi ngiyabalisa ngingazi ngizolala ngidleni ngoba phela ukuwuthola kwethu lo-R350 uyakwazi ukuthi uzame,” usho kanje.
UMnuz Sipriyan Kayos, oqhamuka eMgudulu, eReseviour Hills, uthe sekuphele izinyanga eziyisishiyagalombili engawutholi u-R350.
“Le mali iyangisiza kakhulu ngoba ngiwumuntu osekhulile oziqoqela amakopi ukuze aziphilise. Ngiyalimala ngokungayitholi lemali ngoba uyaye ukhande izikweletu ungazi uzozikhokha ngani ngoba usuke ulambile,” kusho uKayos.
Khonamanjalo uMnuz Thulani Nxumalo, uthe selokhu wabhalisela lesi sibonelelo ngo-2021 kodwa lutho ukusithola.
“Amathemba ami wonke bengiwabeke kuwo u-R370 ukuze ngikwazi ukuziphilisa kodwa namanje ngisalindile,” kusho uNxumalo.
UNksz Sandy Godlwana obhekelele ezokukhangisa nokuxhumana eSassa KwaZulu-Natal, uthe bonke abahola isibonelelo sabangasebenzi esibizwa nge-Covid-19 SRD Grant baziswa ngezinguquko zohlelo olusha lokuqinisekisa imininingwane.
Uthe abantu abathintekayo yilabo abasuke sebefuna ukushintsha izinamba ngakho ukuze iSassa igweme ukukhwabanisa iye ibacele ukuthi baqinisekise imininingwane.
Imininingwane iqinisekiswa ngokusebenzisa iselula enekhamera noma ikhompyutha. Umuntu okufanele aqinisekisa imininingwane uthunyelelwa iSMS enelink emchazela ngokufanele akwenze.
Uthe imali ngeke iphume umuntu engayiqinisekisanga imininingwane yakhe ngakho kufanele adlule esigabeni sokuqinisekisa ukuthi nguye ngempela oholayo ngokubuka ikhamera ukuze izoshutha ubuso bakhe.
“Uhlelo lokuqinisekisa imininingwane yabahola isibonelelo sabangasebenzi lwenziwa kuzwelonke futhi kusetshenziswa amaselula namakhompyutha. Alwenziwa emagatsheni. Sizoqhubeka nokubachazela abantu sifake nezaziso emahhovisi ethu ahlukene ngalolu hlelo,” kuchaza uNksz Godlwana.
Uthe akupheli ngisho amaminithi awu-10 ukuthi iSassa ithumelele umuntu isms ngezinyathelo okufanele azithathe ukuze aqinisekise imininingwane.
Ugqugquzele abanenkinga yesibonelelo sikaR370 ukuthi bathumele i-email [email protected] lapha bazophendulwa kungakapheli izinsuku ezinhlanu zokusebenza.