UBEKADE engcwatshwe phezu kwesinye isidumbu, ethuneni elingashoni umfana oneminyaka eyisithupha wasePienaar, eMpumalanga ebese kuphele inyanga edukile.
Kube sekuboshwe ibhungu elineminyaka engu-18 elititinywe kanzima umphakathi okumanje ligadwe amaphoyisa esibhedlela.
Umsolwa kuthiwa uvumile ukuthi uyambandakanyeka ekufeni kukaJunior Mabandla nenye intombazane eneminyaka emithathu okulindeleke ukuthi isidumbu sayo simbiwe namuhla emathuneni asegcekeni kubo kamsolwa.
UJunior wagcina ukubonakala ephila ngoJuni 6 ngabo-3 ntambama ephuma kubo eyothenga oswidi esitolo. Wayegqoke ijezi elihlaza okwesibhakabhaka nebhulukwe elimnyama.
Umphakathi wavala thanqa izintuba ezingenayo neziphumayo kule ndawo ufakela amaphoyisa ingcindezi ukuba athungathe athole uJunior.
Amaphoyisa aseMpumalanga athi ngoLwesithathu abizelwe endaweni yesehlakalo, kushubile lapho umphakathi ububuthene khona ubambe umsolwa okuthiwa uvumile ukuthi uyathinteka ekunyamalaleni kwalezingane.
Kuvela ukuthi umsolwa uphuthunyiswe esibhedlela eyokwelashwa esekhombile ukuthi ugqitshwe kuphi uJunior.
Umndeni kamufi uqinisekisile ukuthi isidumbu ngesikaJunior kanjalo nezimpahla ayezigqokile.
Obambe esokuba uMkhuzi wamaPhoyisa eMpumalanga, uMajor General Zeph Mkhwanazi uzwakalise ukukhathazeka ngokwenzeke ePienaar wathi kukhona okungahambi kahle.
“Siqinisekisa umphakatthi ukuthi amaphoyisa asiqaphile isimo ukuze alethe uzinzo kuleya ndawo. Sinxusa umphakathi ukuthi ugweme ukuziphindisela udedele umthetho uthathe indawo yawo,” kusho uMkhwanazi.