IJUTSHELWE ukuyomela iqembu, Umkhonto weSizwe, ePhalamende lase-Afrika, iPan African Parliament, indodakazi yomholi waleli qembu, uMnuz Jacob Zuma, uNkk Duduzile Zuma-Sambudla.
Leli Phalamende liyingxenye ye-African Union kanti lakhelwa ukuthi abantu basezwenikazi, i-Afrika, babe nezwi ezintweni ezithinta ezomnotho e-Afrika.
USotswebhu we-ANC ePhalamende, uMnuz Mdumiseni Ntuli, usukume izolo ngesikhathi lihleli waphakamisa amagama amalungu azojutshelwa ezinhlakeni ezehlukene.
Kulo mhlangano bekumele kukhethwe namalungu amaqembu azojutshwa kwiKhomishini yeziMantshi ne-Judicial Services Commission (JSC).
UNtuli uphakamise amagama amalungu aya kwi-Pan African Parliament okungoMnuz Vuyani Pambo we-EFF, nguyena uNtuli ozomela i-ANC, uMergan Chetty we-DA kanjalo noNkk Sambudla-Zuma weMK.
USomlomo, uNkk Thoko Didiza, ubuze ukuthi kukhona yini abaphikisa lawa magama, kwangavela muntu.
Uthe lokhu kusho ukuthi ayaphasiswa.
UNtuli uphinde waphakamisa amagama amalungu azoba yingxenye yeKhomishini yeziMantshi kuleli, okungoNksz Faith Muthambi we-ANC, uMnuz Adrian Roos we-DA, uMnuz Sbonelo Nomvalo weMK kanjalo noNksz Omphile Maotwe we-EFF.
Aphasiswe ngo-elethu amagama alawa malungu.
UNtuli uphakame wahoxisa isiphakamiso abesenzile sokuthi abaholi okubalwa kubo oMnuz Soviet Lekganyane we-ANC, uDkt John Hlophe umholi weMK ePhalamende, u-Advocate Glynnis Breytenbach we-DA, uMnuz Julius Malema we-EFF noMnuz Athol Trollip we-ActionSA, babe sekomitini iJSC.
Umsebenzi weJSC wukuphonsa imibuzo amajaji asuke ezojutshelwa ezinkantolo eziphezulu okubalwa neyoMthethosisekelo.
UNtuli uthe uhoxise lesi siphakamiso ngoba kusazoxoxwa kabanzi namaqembu ahlukene ePhalamende.
UNkk Didiza ukwamukele okuphakanyiswe nguNtuli nakuba amalungu eMK abengeneme ngokuthi awathintwanga ngaphandle kokuhlehliswa kokujutshelwa kwalawa malungu kuleli komiti.
Kwenzeka lokhu nje namhlanje kulindeleke ukuthi kufungiswe iKhabhinethi entsha emenyezelwe nguMengameli Cyril Ramaphosa ngeSonto ebusuku.
Izofungiswa eCape Town International Convention Centre, eKapa yinhloko yamajaji uRaymond Zondo.