KUCISHE kwavalwa ngehlahla emndenini wakwaXaba, ngesikhathi kusha umjondolo ngheSonto ebusuku, kwashona izingane zamantombazane ezimbili eMatendeni, kwaF eMlaza.
Kulesi sigameko esishiye umndeni ukhungathekile, kushone uSmamkele Xaba (19) nodadewabo omncane uZisanda Xaba (13) abashele endlini baze bathula. Unina uNksz Bawinile Ndadane/Xaba (44) nendodana yakhe uMlondi Xaba (16) kuthiwa baphume ngembobo yenayithi umjondolo usha ubuhanguhangu.
Abashonile kuthiwa bebepakishe imithwalo beya kuMdedele okuyinkonzo yamaNazaretha eqale ngoMsombuluko nezodonsa inyanga yonke.
USmamkele kuthiwa ubenza izifundo ze-Information Technology eNelson Mandela University, ePort Elizabeth. Ubebuye ngoba kungamaholidi okuvalwa kwezikole, kanti uZisanda kuthiwa ubenza uGrade 8, esikoleni Ekwazini High khona eMlaza.
Elandisa Isolezwe, uNkk Noxolo Mbuyisa ongugogo wamantombazane ashonile, uthe abazi basinde kanjani laba abasindile ngendlela okuthiwa senzeke ngayo lesi sigameko.
“UBawinile indodakazi kadadewethu owashona. Wabuya emendweni nalezi zingane zisencane emuva kokulahlwa uyise. Ubengasebenzi, ephila ngamatoho ekhulisa izingane zakhe. Uze wakha umjondolo ngoba ezamela ukuthi izingane zakhe zibe nendawo yazo. Uma esilandisa ngokwenzekile, (uBawinile) uthe uzwe sengathi uyaphupha ngabo-10 ebusuku, kunomuntu ongathi umtshela ukuthi akavuke uyasha. Uthe uma evuka lapho wabona indlu isisha ubuhanguhangu. Ekamelweni ubelele nendodana yakhe uMlondi abakwazile ukuvuka baphume endlini. Uthe naye uqale wasaba ukuphuma njengoba indlu ibisivutha yonke waze walandela indodana yakhe ezijube yaphoseka emlilweni iyophuma ngomnyango,” kusho uNkk Mboyisa.
Uthe ekamelweni obekulele khona amadodakazi kune-burglar guard kodwa abalikhiyi.
“Okubamangazile ukuthi ngesikhathi kusha i-burglar guard bese lifakwe isigaxa sikakhiye abangasazi. Lokhu kwenza kube nezinsolo zokuthi umlilo wokhelwe ngothile obengafuni kuphume muntu endlini ngoba kuze kwafakwa nesigaxa sikakhiye. Ngenhlanhla ikamelo obekulele kulona uBawinile belingenalo i-buglar guard okwenze bakwazi ukuphuma kalula,” usho kanje.
Uqhube wathi ngesikhathi sebephumile endlini kusha bazithele emalungwini omphakathi abemile egcekeni kepha engekho owenza imizamo yokucisha umlilo. Uma bebuzwa ukuthi kungani bengalekeleli kuthiwa bakhale ngokuthi inkinga amanzi ahlala engekho kule ndawo abahlala kuyona.
Umufi uSmamkele kuthiwa uzwakele ekhala ememeza ecela usizo kodwa ibingekho indawo okungabambeka kuyona ngoba ibisibomvu indlu wumlilo.
UNkk Mbuyisa uthe bezwe ubuhlungu obukhulu njengoba isidumbu sikaZisanda besixebule embhedeni abelele kuwo kwathi esikaSmamkele basithola eduze komnyango, okukholakala ukuthi ubengakuwona ezama ukuphuma.
Uthe nokuthi yizidumbu bamane bayasho nje ngoba bese beqoqa amathambo bewalayisha kocwazi.
Unina wala mantombazanyana ashonile, uBawinile, kuthiwa ungeniswe esibhedlela eMshiyeni njengoba eshile. Umndeni wakhe uthe ubona nokuthi uphithanelwe wumqondo njengoba ekhuluma izinto ezingekho. Kuthiwa ngaphambi kokuthi ayiswe esibhedlela ubelokhu ekhala ngokuthi ufuna ukuyobona izingane zakhe esibhedlela.
UNkk Mbuyisa uthe ibathusile indlela abenze ngayo abantu baseMatendeni bebukela kusha izingane zomtanakhe bezwile zikhala ngosizo, bangenza mnyakazo. Uthe yena akahlali kule ndawo njengoba bedabuka eZingolweni, ufike njengoba sekwenzeke isigameko.
UMlondi osindile naye kuthiwa uyiswe esibhedlela ukuyohlolwa kodwa kuthiwa isimo asisibi kuyena.
Okhulumela amaphoyisa kwaZulu-Natal, uConstable Thenjiswa Ngcobo, uthunyeliwe imibuzo, wathi uzobheka namaphoyisa aseMlaza. Uphinde washayelwa ucingo, wathi usafonela amaphoyisa aseMlaza. Ugcine engasalubambi ucingo uma eshayelwa kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela.