UYALULAMA esibhedlela owesifazane okhulelwe waseThekwini, okuthiwa ulimale kanzima izolo, isoka lakhe limshayisa ngemoto, lazitshela ukuthi limshiye efile.
Ngokusho kwabenkampani yezimo eziphuthumayo, i-KZN VIP Medics, isigameko senzeke emgwaqweni uRidge, eMhlanga.
Abe-KZN VIP Medics bathe banikele endaweni yesigameko emva kokubikelwa ngengozi yomgwaqo ebandakanya umuntu obehamba ngezinyawo.
“Sifike sathola ukuthi owesifazane ulimele emva kokushayiswa yisoka lakhe, okuthiwa belihamba ngemoto i-Ford Ranger,” kusho abe-KZN VIP Medics.
Baveze ukuthi emva kokwenza isigameko, umsolwa ukhale amaphepha, ebaleka endaweni yesigameko.
“Owesifazane obelimele kanzima, usizwe amalungu omphakathi avele anikela lapho obekulele khona umgilwa phakathi nomgwaqo onezimoto ezehla zenyuka,” kusho abe-KZN VIP Medics.
Uthe umgilwa unikwe usizo lokuqala, ngahambi kokuba aphuthunyiswe esibhedlela ukuze athole usizo oluthe xaxa.
Amaphoyisa aKwaZulu-Natal athe alikabi bikho icala elivuliwe.