USALE emabobokobo ebusweni nasemzimbeni umfundi (20) ka-matric wakwesinye sezikole zaseHammarsdale e-Unit 2, entshonalanga yeTheku, kulandela ukutitinywa ngamalungu omndeni wentombazane athandana nayo, okusolakala ukuthi bekuyindlela yokumphoqa ukuthi “ayeke ukukipita” nayo.
Leli phephandaba lizibonile izithombe ezikhombisa umfundi, esiligodlile igama lakhe ukuze avikeleke, ukuthi ubelimele kanjani ebusweni, evuvukele umlomo futhi enemihuzuko negazi cishe kuzo zonke izingxenye zomzimba.
Elandisa Isolezwe ngokumehlele, umfundi uthe isigameko senzeke entathakusa ngeSonto ngenkathi yena nentombi yakhe belele emqashweni ahlala kuwona ukusondelela isikole afunda kusona njengoba esefunda u-matric.
“Besilele nje sezwa umsindo wabantu bengqongqoza ngesankahlu emnyango befuna ukungena ngenkani endlini yami. Ngiqale ngala ukuvula, ngoba intombi (22) - (eyigagula ngegama), ilibeke ngembaba nayo elokuthi ayifuni ukuphindela nabo emuva, izohamba uma sekuthanda yona.
“Kuthe ngokuqhubeka kwesikhathi, bebona ukuthi asifuni ukuvula emnyango, odadewabo ababili abadala bentombi yami nonina, baqala ukukhahlela isicabha, befuna ukungena ngenkani, okuyilapho esibone khona ukuthi kumele sivule.
“Kuthe sengivulile emnyango, bangibamba, bangishaya bengihudula phansi, baye bayophumela nami ngaphandle, bengihlanganyela bobathathu, kungekho nokuthi ngingenzani ukuzama ukuzivikela kuleso simo. Baze bangiyeka ngoba sengilele phansi, sengiphelelwa amandla,” kulanda umgilwa.
Eqhuba, uthe emva kwalokho bamshiye kanjalo, bathatha intombi yakhe bagoduka nayo, bayiphuca neselula njengoba kuze kuzoba yimanje akakwazi ukuxhumana nayo ocingweni. Intombi leyo ayisafundi yona, yawuqeda ngo-2021 u-matric.
“Okunye okungiphathe kabi kakhulu wukuthi abangilimazanga nje kuphela, kepha bacekele phansi umfaniswano wami wesikole, futhi baklebhula nezincwadi zami zesikole, engingazi ukuthi kuhlangana kanjani nokuthandana kwami nengane yabo noma yakwabo. Ngiphatheke kabi ngokungehlele,” usho kanje.
Kuthintwa omunye wabazali bomfundi, usiqinisekisile isigameko. Uthe okumphathe kabi kakhulu ngalokhu wukuthi yomibili imindeni iyazi ngokuthandana kwezingane, osekuyiminyaka emithathu zithandana. Uthe ubengalindele ukuthi uma kunenkinga izobonakala kanjena.
Uthe: “Bekungangcono ukube beze kithina bazali bomfana basibikele uma kukhona okungabagculisi noma okubaphethe kabi ukuze kubonakale ukuthi kulungiswa kanjani, hhayi ukuthi benze izinto ngodlame olunjena. Ukuba kuya ngami bengizothi umfana wami akahlukane nale ntombi ukuze kube nokuthula, ngoba kuyacaca ukuthi abasafuni ukuthi athandane nayo.”
Kuthintwa okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConstable Thenjiswa Ngcobo uthe amaphoyisa aselokishini iMpumalanga aphenya amacala okushaya nokucekela phansi impahla, mayelana nesigameko sokushaywa komfundi ngabantu abaziyo nabaziwayo endaweni ahlala kuyona. Uthe okwamanje akukaboshwa muntu, basaphenya ngesehlo.