I-MK isiphenduke iqaqa kwi-EFF kangangoba umholi we-EFF, uMnuz Julius Malema, akafuni ngisho nokuthi abe-MK babeke imicondo yabo emingcwabeni yamalungu eqembu lakhe.
UMalema uthe indlela angafuni ngayo ukuthi kube khona into emhlanganisa ne-MK useze wayalela abaholi bale nhlangano eholwa owayengumengameli, uMnuz Jacob Zuma, ukuba bangazihluphi ngokuza emingwabeni yamalungu e-EFF.
Ukusho lokhu ekhuluma nabezindaba izolo, lapho ebememezela khona izinqumo ezithathwe emhlanganweni wesigungu esiphezulu.
I-EFF ne-MK bebengamathe nolimu emva kokhetho lwangoMeyi, la maqembu avota ngokubambisana ngesikhathi kukhethwa uMengameli noSomlomo, ePhalamende.
Kepha ubudlelwano bubuye bonakala emva kokuhlubuka kwabaholi abaqavile be-EFF, okubalwa kubo uMnuz Floyd Shivambu, Advocate Dali Mpofu no-Advocate Busisiwe Mkhwebane, bonke asebethole izikhundla ezibalulekile kwi-MK.
UMalema uthe indlela angafuni ngayo ukuba sendaweni eyodwa nabaholi be-MK uze waqoka ngisho ukungayi kobuka umdlalo webhola lapho bekududulana izinkunzi zaseSoweto, i-Orlando Pirates ne-Kaizer Chiefs.
"Asifuni ukuzithola sesizithela phezu kwabo. Kulo mdlalo uthuka usuhlangana nenqwaba yabantu ongafuni ukuhlangana nabo."
UMalema uthe nasePhalamende abasebenzisani ne-MK.
"Into ekhona nje ukuthi bahlala eduze kwethu. Kodwa lokho akusho ukuthi siyasebenzisana nabo. Uma kukhona into okuphikiswana ngayo ePhalamende, asilindi ukuzwa umbono wabo, sisho lokho thina esikucabangayo. Kuyenzeka kwesinye isikhathi kube ukuthi umbono wabo uyefana nowethu."
Umhlangano wesigungu esiphezulu kwi-EFF bekungowokuqala kusukela le nhlangano yaba nengqungquthela yokuqoka ubuholi.
UMalema uthe banqume ukujuba inqwaba yamalungu esigungu esiphezulu ukuba alekelele KwaZulu-Natal.
I-EFF ayizange yenze kahle KwaZulu-Natal ngesikhathi kunokhetho lwangonyaka owedlule.
Kubaholi abajutshwe KwaZulu-Natal, kukhona uSihlalo wale nhlangano kuzwelonke, uNkk Nontando Nolutshungu, kanye nobeyiphini likanobhala jikelele, uNksz Poppy Mailola Poppy Mailola.
“Uma uqhathanisa nezinye izifundazwe uzobona ukuthi sijube abaholi abaningi KwaZulu-Natal. E-KZN, kudingakala abaholi abazosebenza ngokuzinikela. Isimo ngeke sihlale sinje KwaZulu-Natal, zisazoshintsha izinto. Siyabathemba abaholi esibajube. Nathi sizokuba baningi khona KwaZulu-Natal.”