BANQUME ukusebenzisa amakhambi esintu ukuze bazivikele kubhubhane lweCovid-19, othisha abamaka amaphepha ka-matric ezikhungweni ezehlukene KwaZulu-Natal.
Kuthiwa abanye othisha baqale ukumaka sebevele behaqwe yilolu bhubhane, olubuye ngamandla ngehlandla lesibili. Omunye wothisha abamakela e-Adams College, ngaseManzimtoti uveze ukuthi baxube amakhambi esintu okubalwa namaqabunga kagamthilini, base begquma ukuze bazivikele kwiCovid-19. Uthe othisha bayazama ngayo yonke indlela ukugxila emsebenzini wokumaka yize bethola imiyalezo ngokushona kwezihlobo nabangani babo ngenxa yeCovid-19.
Kwenzeka lokhu nje kuvele ukuthi inqwaba yothisha eLimpopo, ibuyele emakhaya yalaxaza ukumaka ngenxa yalo ubhubhane. UMqondisi jikelele wemfundo kuzwelonke uMnuz Mathanzima Mweli, uthe ukumaka kuqhubeka kahle ezifundazweni zonke, wathi bakwazile ukuvala izikhala zalabo abahoxile emva kokutholakala ukuthi sebehaqekile.
Uthe bangu-45 000 othisha abamakayo ezweni lonke. Uhlabe ikhwelo kubo bonke othisha abamakayo wathi baqikelele ukuthi balandela imigomo yokuzivikela, okubalwa ukugqoka izifonyo nokuqhelelana.