ABESITOLO iBoxer bake bakhohlwa kancane wukwenza umsebenzi wabo wansuku zonke, babamba iqhaza ekuxazululeni inkinga yokungcola emfuleni uMngeni lapho ungenela olwandle.
UNkk Ntombi Dludla oyisikhulu esiphezulu kulesi sitolo, ngokubambisana nenhlangano engezi inzuzo i-Adopt a River, uMasipala weTheku, Icebolethu Funeral Services, uphiko lwamaPaki nokuNgcebeleka kuMasipala weTheku, uMnyango wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha nezeMvelo babambisane emkhankasweni wokucosha udoti, ngeledlule.
Bebecosha udoti esikhungweni semvelo, iBeachwood Mangroves Reserve.
"Siyaziqhenya ngokuthola ithuba lokwenza umehluko ezindaweni eziwudinga kakhulu, okungaba sedolobheni, emakhaya noma khona lapha okuhlanganeni komfula uMngeni nolwandle i-Indian Ocean.
Le ndawo ibaluleke kakhulu kithi sonke. I-Blue Lagoon kayiyona nje indawo yezokuvakasha kuphela kodwa iyindawo lapho izilwane zasendle nabantu behlangana khona, ngakho kungumsebenzi wethu ukuyigcina ihlanzekile,” kusho uNkk Dludla.
Abengaphezulu kuka-100 amavolontiya abehlanganiswe yiBoxer uMasipala weTheku, iCebolethu abesebenza nethimba eliqeqeshiwe lenhlangano i-Adopt a River
“Sithanda ukuphonsela inselelo izinhlangano ezikwaziyo ukusiza ukuthi zixhumane ne-Adopt a River. Nizochitha isikhathi nozakwenu lapha.
Ungaba khona umehluko lapha nakwezinye izindawo ezidinga ukukhucululwa ukungcola," kwengeza uNkk Dludla.