IMEYA kaMasipala waseMhlathuze uMnuz Xolani Ngwezi ithi ukwakhiwa kwenxanxathela yezitolo eqanjwe ngoMntwana uMangosuthu Buthelezi kungezinye zezinhlelo zentuthuko abamatasa ngazo.
Le nxanxathela eyakhiwa yinkampani iMoolman Group, kuthiwa izodala amathuba omsebenzi angu-2 000 uma isiphelile ngo-Ephreli 2026.
“Kuleya ndawo eduze nothelawayeka uN2 ebangeni eliyikhilomitha nenxanxathela yezitolo, yilapho kuzokwakhiwa khona iRichards Bay Airport. Sivusa umnotho waseMpangeni ikakhulukazi ngoba bekuthula. Idolobha iMpangeni cishe lineminyaka engu-60 kodwa intuthuko yalo ihamba ngolonwabu. Yimanje lapho siza khona nale misebenzi emikhulu ehlanganisa neMpangeni Mega Housing enezindlu ezingu-10 000,” kusho uNgwezi.
Uthe inxanxathela ibizobizwa ngeGreen Hills kodwa banxusa ukuthi iqanjwe ngoMntwana njengendlela yokumhlonipha nokuyinto evunywe ngamakhansela omkhandlu, inkampani eyakhayo nomndeni kaButhelezi.
“Ngiyanxusa kwabemboni yamatekisi namabhasi ukuthi baqale bakhulume nomasipala noMnyango wezokuThutha ukuze bafake izicelo zezimvume zemizila ngoba asifuni ukuthi uma isivuliwe bese kuba nesiteleka nodlame. Le nxanxathela izothinta wonke umuntu.”
Uthe bazimisele ukuheha abatshalizimali kulo masipala futhi lokho bazokwenza nangokubuyekeza imigomo ethinta ukukhishwa komhlaba ukuze bezokwazi ukubasondeza.
Udalule ukuthi eduze nase-Alkanstrand Beach bafuna ukufaka izitolo.
“Sifuna ukuthi ibukeke njengaseKapa noma eThekwini ngokufaka izitolo. Abantu abaya ebhishi kumele bakwazi ukuthenga noma yini. Simatasa nezinto ezincane manje ngoba sisezinhlelweni zokwenza lowo msebenzi. Uzokhumbula ukuthi eminyakeni cishe emihlanu edlule sike saqasha umuntu ozokwakha iThe Ridge Mall. Esamqasha akakwazanga ukuqala umsebenzi sawubuyisa lowo mhlaba. Leyo nxanxathela ihlanganise izinto ezintathu iyodwa – inezindlu, amaflethi nenxanxathela yezitolo eduze kolwandle. Lolo hlelo siyalubuyisa futhi maduze sizobe samukela izicelo,” kusho uNgwezi.
Ubuye wadalula ukuthi enyangeni nohhafu bazobe sebephothulile ukulungisa inkundla yezemidlalo iMhlathuze Sports Complex.
“Abantu abafisa ukusebenzisa inkundla, kungaba yiqembu lebhola, isonto noma ubani, kumele baqale basondele ngoba kuzoba nemigomo nemibandela. Ukuze sisebenze kuzodingeka ugesi, namanzi, onogada nabasebenzi abazohlanza. Zonke lezo zinto azikho mahhala zifuna imali. Kungabe kuwukuqamba amanga ukuthi umuntu ozozisebenzisa uzozisebenzisa mahhala.”