IBHILIDI elinamahhovisi omphakathi eNsimbini, ngaseFolweni, alinawo amanzi ahambayo okuholela ekutheni kuvalwe amathoyilethi asetshenziswa wumphakathi.
Kuleli bhilidi kunesiteshi samaphoyisa, umtholampilo namahhovisi aseSassa. Inkantolo neHhovisi loMnyango wezokuThuthukiswa komphakathi lithuthile kuleli bhilidi ngenxa yaleli nkinga osekuphele iminyaka emithathu ingalungiswa.
Umphakathi osuke uyofuna izidingo kulesi sikhungo uthi uma ufuna ukuzikhulula amathoyilethi asuke evaliwe.
Ilungu lomphakathi elingathandanga ukudalulwa elisebenzisa umtholampilo njalo, lithe likhona ithange elafakwa kodwa uma ugesi ungekho, injini ehambisa amanzi ayisebenzi ngakho amanzi awaphumi ethangeni.
"Amahora amabili maningi kakhulu uma uxinekile. Esiteshini samaphoyisa amathoyilethi awavulwa, eSassa nakhona into efanayo. La mathange awanabo ompompi ongazikhelela kuwo amanzi uphuze noma uye ethoyilethi," kusho leli lungu lo mphakathi.
Ngakolunye uhlangothi, umphakathi owakhelene nalesi sikhungo nawo ongenawo amanzi, uthi ungqongqozelwa ngabantu abasuke beze kulezi sikhungo becela ukusebenzisa amathoyilethi abo.
"Ihlazo ukuthi umuntu angasuka esikhungweni sikahulumeni azocela ukusebenzisa ithoyilethi emzini womuntu, nathi asinawo amanzi silethelwa ngeloli. Uma ngimngenisa uzosebenzisa amanzi asebhakedeni engiwabekele umndeni wami kodwa futhi kunzima ukunqaba ngoba omunye usuke ubona ukuthi usengaze azenzele," kusho yena.
Iphoyisa elingavumelekile ukukhuluma nabezindaba lithe likhona ithange elibhekelele isiteshi samaphoyisa kodwa injini yalo incane ayikwazi ukuhambisa amanzi emapayipini.
“Umphakathi uqinisile, uma ufike ithoyilethi livuliwe usuke unenhlanhla. Liyavalwa ngoba lisuke seligcwele, amanzi awekho. Kwathina singabasebenzi asinawo nawokuphuza. Sesashaya ucingo saze sakhathala ehhovisi lemiSebenzi yoMphakathi okuyibona abanikazi bebhilidi, sicela usizo nakwaMasipala weTheku, asisizakali.
“Utshani nezihlahla akususwa. Kuyenzeka ubone umuntu egunda utshani khona ngaphakathi ucele ukuthi ashaye nangapha, athi kuthiwe akagunde la egunda khona kuphela, ashiye kunjalo ngasohlangothini lwethu nalapho kwakuyinkantolo khona.
UMnuz Mlungisi Khumalo uthe basazobheka ukuthi inkinga ekhona kuleli bhilidi kumele ilungiswe ngubani.
IKhansela lakule ndawo, uMnuz Siphelele Mnyandu, lithe inkinga yamanzi kule ndawo seyinesikhathi eside ikhona bayabika ophikweni lwamanzi kodwa ayilungiswa.
"Onjiniyela bayafika bambe umgodi bashiye kanjalo, bangabe besabuya. Asisazi nathi singamakhansela ukuthi kumele siphendule sithini emphakathini. Akuyona kuphela le ndawo oyishoyo, zikhona nezinye. Abantu sebephila ngamanzi alethwa ngamaloli, abanye sebethenge amathange, bakhokhela amaloli ukuthi abagcwalisele okuyinto engavumelekile kodwa iyenzeka," kusho yena.
UMnuz Mduduzi Ncalane okhulumela uMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal, uthe imitholampilo nezibhedlela banama-generator asebenzayo uma ugesi ungekho.