UBABAZE amandla omqondo okwamenza wakwazi ukumelana nesimo esasinzima sokuphila nokukhubazeka ekade ephila saka, uMnuz Lungile Dick, owalimala emsebenzini wanqanyulwa isandla ngo-2006.
UDick ungomunye wabazobe behamba neNyuvesi yaKwaZulu-Natal beyomela elakuleli emidlalweni eseSwitzerland, i-2024 Cybathon Championships, ngempelasonto.
Isandla sokufakelwa esisetshenziswa wuDick, sibizwa ngeTouch Prestheses Hand.
Walimala emsebenzini ngo-2006, okwamenza ukuthi kunqanyulwe isandla sakhe sangakwesokudla wabe esefakelwa iTouch Prostheses Hand, azosisebenzisa emqhudelwaneni wangempelasonto.
Echaza ngalo mqhudelwano, uDick ongowokuzalwa e-Eastern Cape, uthe umuntu unikwa imisebenzi eminingi okuthiwa akayenze esebenzisa indawo akhubazeke kuyo. Kule misebenzi kuba khona neyasendlini. Unikwa imizuzu ethile okumele uyiqede ngayo bese kucaca lapho ukuthi wubani okwaze ukusheshe ayiphothule.
Uthe impilo yakhe yashintsha emva kokulimala emsebenzini.
“Amandla omqondo angisiza ngakwazi ukuqhubeka nempilo. Abantu bakhuluma noma yini kuthina esikhubazekile ngoba abazi izingqinamba esibhekana nazo.
“Kumele ube namandla futhi ngokomoya ukwazi ukumelana nabantu abangasiqondi isimo sakho ukuze uqhubekele phambili nempilo. Okungenze ngaba yingxenye yalo mqhudelwano ukuthi ngisize abanye abakhubazekile ukuthi bakwazi ukuthola usizo ngaphandle kokuthi bakhiphe imali eningi,” usho kanje.
USolwazi Riaan Stopforth onguthisha ofundisa izifundo zobunjiniyela e-UKZN, ophinde abe yingxenye yeqembu labathathu abazoba yingxenye yomqhudelwano, uthe njengoba bebheke kulo mqhudelwano wangempelasonto, babhekane nezingqinamba eziningi.
“Izinto zobuchwepheshe ziyahlupha kodwa sikulungele ukuqhudelana namanye amazwe. Noma ezinye izinto zingenzeki ngobuchule kodwa sizama ngakho konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi yonke into iba yimpumelelo,” kusho uSolwazi Stopforth.
Uthe kulo mqhudelwano kuzobe kwenziwa imisebenzi ewu-10 eyahlukene okufaka kuyo imisebenzi yasekhaya.
“Sizobe sinikwe imizuzu engu-80 ukuqeda le misebenzi. Sizobe senza umsebenzi wasekhishini, ukuqoqa izitsha, ukuneka izingubo nokufaka i-globe kagesi,” usho kanje.
Khonamanjalo: UMnuz Siya Masiza owenza izifundo ze-Masters in Mechatronics uthe ukwakha isandla se-Touch Prostheses Hand kuthatha izinyanga ezingu-10 kanti ukusihlanganisa kuthatha izinsuku ezintathu.
Okwesibili leli qembu lase-UKZN liba yingxenye yalo mqhudelwano njengoba ngo-2020 lalala endaweni yesithathu. Amanye amalungu eqembu ayingxenye yalo mqhudelwano ngoMnuz Khehla Gumede no-Asanda Ngubane.