UNOBHALA Jikelele we-ANC uMnuz Fikile Mbalula useveze ukungenami kwakhe ngophiko lwezingwevu nophiko lwentsha lwale nhlangano (ANC Veterans League ne-ANCYL). UMbalula usola uDkt Snuki Zikalala noCollen Malatji abangomengameli balezi zinhlaka ngokukhuluma ngezindaba ze-ANC kwabezindaba bengakabonisani nayo.
Engxoxweni ayenze kwisiteshi sethelevishini uMbalula uthe akukho emgomeni we-ANC ukuthi izobambisana neDA ngemuva kokhetho lwangonyaka ozayo. Ukusho lokhu ngemuva kokuthi lezi zinhlaka ziveze ukuthi zingakuthokozela ukusebenzisana neDA.
“Uma uMalatji noZikalala benalowo mbono, akumele baye kwabezindaba, kumele beze kwi-ANC, mina ngizobanika isikhala sokuthi babikele i-National Working Committee, iTop 7 ngisho neNational Executive Committee. Indaba yokuya kwabezindaba iveza ukuthi akukho ukubambisana,”kusho uMbalula.
Uthe kuyamthokozisa ukuthi sekucace bha ukuthi i-ANC ayikho into eyihlanganisa neDA emayelana nokubambisana. “Kade behlangene nabo bakubeka kwacaca ukuthi bahlose ukukhipha i-ANC emandleni, lokhu kusikhipha phambili,” kusho uMbalula.
Uphethe ngokuthi i-ANC ifuna ukuphumelela ukhetho, ayizimisele ngokubambisana namanye amaqembu ngoba sekucacile ukuthi uhulumeni ekubanjiswene kuwona awusebenzi.