UMNDENI wentombi nto eno-39, waseMgababa, uthi idinga ukwelulekwa ngokomqondo emuva kokubhadama umakhelwane eyidlwengula ehlathini.
Okhulumela umndeni (esiligodlile igama lakhe ngenhloso yokuvikela umgilwa), uthe kusekude ukuthi sisuke isithombe emiqondweni yabo, sikadadewabo ekhala ngesikhathi enukubezwa ngumsolwa, uMnuz Vusi Minci Khoza (47), onqabe ibheyili ngoMsombuluko, eNkantolo yeMantshi eMbumbulu ngoMsombuluko.
Umfowabo womgilwa uthe bashaqeka bewumndeni bebona udadewabo engasekho ekhaya.
"Sathi sisamthungatha, sezwa ngomakhelwane bethi asiyobheka ehlathini lapho esibhadame umakhelwane emdlwengula."
Uthe batshelwa umakhelwane owambona umsolwa eyongena ehlathini nodadewabo onokukhubazeka.
"Omakhelwane bathi okwabashayisa amakhala ukumbona uKhomo esekhumula ihembe."
Umfowabo womgilwa uthe udadewabo ngumuntu wesifazane ozihlalela ekhaya ngenxa yokuthi ukhubazeke ngokwengqondo nangokomzimba njengoba enesigubu esifishane. Uchaze udadewabo njengomuntu ocabangisisa okwengane eneminyaka emine futhi okumthatha imizuzu eminingi ukusuka kwelinye ikamelo eya kwelinye ngenxa yokuthi uhamba kancane futhi uyisinokwe.
Unxuse izinhlangano ezilwela amalungelo abakhubazekile ukuba zilusukumele udaba ukuze kwenzeke ubulungiswa ngoba udadewabo namanje usathuka izanya emuva kokuhlukunyezwa.
Ngesikhathi umsolwa evela enkantolo kuleli sonto, umphakathi waku-wadi 98 kuMasipala weTheku, utheleke ngezinkani ukuzovimba ukuba uKhomo engayitholi ibheyili. Bewuhuba izingoma zomzabalazo, ukhuza iziqubulo futhi uphethe izingqwembe ebezinemiyalezo ehlukahlukene. Umsolwa uzobuyela enkantolo ngo-Okthoba 2.