KULINDELEKE ukuba babingelele imantshi abasolwa abahlanu abayamaniswa nokubulawa kwabantu abayisikhombisa, abashiswe ngempelasonto eDiepsloot, eGauteng.
Esigamekweni, kuthiwa amalungu omphakathi avimbezele abasolwa ababhaxabula ngenduku ngaphambi kokuthi bashiswe endaweni okulahlwa kuyo imfucuza.
Izidumbu ezinhlanu zishiswe eDiepsloot, Ext 12, ezimbili zatholakala e-Ext 13, nazo zingqongqisiwe.
Umphakathi ubusola ababulewe ngokuhlukumeza abantu. Kuthiwa sekuphele izinyanga abasolwa begqekeza imizi, begebenga futhi beqala izimpi besabisa nabantu ngezibhamu.
Okhulumela amaphoyisa eGauteng, uDimakatso Nevhuhulwi, uqinisekise ukuthi kuboshwe abasolwa abahlanu abaneminyaka ephakathi kuka-30 no-38 ubudala baboshwe ngoMsombuluko ngemuva kokuba bakhonjwe wufakazi othile ongadaluliwe.
“Umsolwa oyedwa ukhonjwe wufakazi ozibonele ngo-si, yena-ke wakhombisa amaphoyisa abanye abasolwa abane. Bonke bazovela eNkantolo yeMantshi eRandburg ngoLwesithathu,” kusho yena.