BAHLANU ababoshwe ngamacala okushisa amaloli kulandela ukungqongqiswa kwamaloli abalelwa ku-21 KwaZulu-Natal, Mpumalanga naseLimpopo kusukela ngeSonto eledlule.
Bonke abasolwa baboshwe ngezikhathi ezahlukene esifundazweni iMpumalanga.
NgoLwesine kwaboshwa abashayeli ababili bamaloli, kwathi umsolwa wesithathu waboshwa ngoLwesine ebusuku eMalahleni, khona eMpumalanga.
UBrigadier Athlenda Mathe okhulumela amaphoyisa ukhiphe umbiko wokuthi kuboshwe abanye abasolwa ababili esifundazweni esifanayo.
Ngokusho kwakhe, abasolwa bazovela ngoMsombuluko enkantolo.
UBrig Mathe uveze ukuthi amaphoyisa anethemba lokuthi kusazobanjwa ongqondongqondo balezi zenzo esezihlalise abashayeli nabanikazi bamaloli lubhojozi ngoba izigameko zokushiswa kwamaloli bezenzeka ezindaweni ezahlukene ngezikhathi ezahlukene.
Esithangamini nabezindaba ngoLwesine olwedlule, uNgqongqoshe wamaPhoyisa uMnuz Bheki Cele, uthe amaphoyisa anazo izinhlelo zokulwa nezigebengu ezishisa amaloli emigwaqweni yaseNingizimu Afrika.
Njengamanje, kujutshwe amasosha azolekelelana namaphoyisa ezingxenyeni zaKwaZulu-Natal ukuqapha isimo.