NKOSIKHONA CELE
SEKUKANINGI kubikwa ngezehlakalo ezahlukene ezingezinhle ezenziwa ngothisha ezikoleni. Umbuzo omkhulu uthi ingabe kwakhala nyonini ngothisha banamhlanje?
Isolezwe Online libheka emuva izigameko ezibandakanya othisha ezishiye abantu bebambe ongezansi eminyakeni eyedlule.
Muva nje, Isolezwe libike kabanzi ngothishanhloko wakwesinye sezikole zaseMpendle okuthiwa udlwengule umfundi emagcekeni esikole.
Kubikwa ukuthi uthishanhloko washayela umfundi ucingo emcela ukuba eze esikoleni ekubeni lo mfundi ngalelo langa wayekade engekho esikoleni.
Kuthiwa uthisha esefikile umfundi waqala wamthinta izinqe ngemuva kwalokho waqhubeka waziphoqelela kuyena.
Khona eMpendle esikoleni iGeorgetown, kuke kwabikwa ngothisha okuthiwa isikole usesiphendule umuzi wakhe njengoba echela amagceke esikole ekuseni, emini nantambama.
Khona ngesonto eledlule, iNkantolo eNkulu yaseMtubatuba, igwebe odilakajele ababili neminyaka emithathu ngaphezulu uMnuz Zwelakhe Cele (41) owayekade enguthisha eNonikela Primary.
UCele ulahlwe yicala lokuthumba, ukunukubeza ngokocansi nokubulala umfundi uLwazi Tembe (12) maqede wamgqiba emgodini enkundleni yezemidlalo eThengeni, eManguzi, ngo-2018.
Lesi senzo sikathisha sawashiya ethuthumela kakhulu amalungu omphakathi waseManguzi. Isidumbu sikaLwazi sambiwa ngemuva kokuba lo thisha wagcina esewakhombisile amaphoyisa lapho ayekade esigqibe khona.
Lo thisha uphinde asolakale ngecala lokubulala uSifundo Nkwanyana (13) isidumbu sakhe sona esatholakala silahlwe bude buduze nomuzi wakhe.
Ngo-2021, uthisha ofundisa kwezinye zezikole zasePinetown watshela umfundi oneminyaka engu-13 ukuthi “usevuthiwe” usengalwenza ucansi. Kwasuka udungunyane abazali befuna ukumudla luhlaza. Kodwa namanje usafundisa usakhona kulesi sikole.
EVezokuhle Primary, omunye wothisha wathumela izinkabi ukuba ziyodubula uthishanhloko. Kulesi sigameko kwagcina kulimala kabi isekela likathishanhloko. Izinkabi zabuya zageqa amagula, zasho ukuthi umhlola usekhaya.
EMizwamweni High, eMgungundlovu, uthisha kuthiwa wakhotha umfundi, wamkhumula iphenti wamdlwengula e-staff room nyakenye. Lo thisha wagcina esevulelwe icala.
EPhambili Secondary, eRoosburg uthisha wakhona wesifazane waba yindaba egudwini njengoba kuthiwa wayethulisa umsindo ngenganono.
OThongathi kunothisha okwabhalwa ngaye njengoba kuthiwa wayefihle isidumbu somfundi ehhovisi lakhe.
Yize kubukeka sengathi kuyanda okungekuhle okwenziwa ngothisha ezikoleni, kodwa singebabhanqe bonke ngabhande linye ngoba basekhona othisha abenza umsebenzi oncomekayo ezikoleni.
Kodwa kuthiwa izambane elilodwa elibolile liwabolisa wonke.