UMNYANGO wezeMpilo kuleli ukhathazekile ngokwanda kwabantu abahaqwe yisimungumungwane ezweni.
Kusukela ngo-Okthoba kuze kube manje sebengu-169 abantu okuqinisekisiwe ukuthi bahaqwe yilesi sifo.
Umbiko okhishwe yisikhungo esibhekele izifo ezithathelanayo kuleli, iNational Institute for Communicable Diseases (NICD), muva nje uveza ukuthi kulezi ziguli ezingu-169 kukhona ezaseNorth West, Mpumalanga, Limpopo naseGauteng.
Lesi sikhungo sithi bangu-13 okubikwe ukuthi banalesi sifo ngoLwesine kuphela.
UMnuz Foster Mohale, okhulumela uMnyango wezeMpilo kuleli, uthe bakhathazekile ngokubheduka kwalesi sifo ezifundazweni ezehlukene ezweni.
Uthe ngoLwesine kuphela kubikwe izigameko ezingu-13 eziqinisekisiwe zabahaqwe yigciwane, okuyisibalo esikhulu uma kubhekwa ukuthi inhlangano yezempilo, iWorld Health Organisation ithi uma kunezigameko ezintathu zabahaqwe yileli gciwane sekungashiwo ukuthi isifo sibhedukile.
Uqhube wathi lesi sifo simandla ebantwini abangondlekile kahle nezingane ezineminyaka engaphansi kwemibili.
Uthe phakathi kwezinkinga zempilo ezidalwa yilesi sifo wukukhishwa yisisu, ukuphelelwa ngamanzi emzimbeni, ukuvuvukala kobuchopho, ukungaboni nokunye.
Uthe lesi sifo sigonyelwa yizingane ezinezinyanga eziphakathi kweziyisithupha kuya kwezinezinyanga eziwu12 kodwa noma ngabe uneminyaka emingaki usengaya kogoma.
Isikhulu sophiko lwezingane enhlanganweni yamazwe, i-Unicef, uNkk Catherine Russell, sithe kube nokuphazamiseka kwezinhlelo zokugoma emhlabeni wonke ngenxa yeCovid-19 kodwa manje sekuyisikhathi sokuthi izinhlelo ebezisilele emuva kuqhutshekwe nazo.