UNGQONGQOSHE wezaManzi nokuThuthwa kweNdle uyalele uMasipala weTheku wathi awulungise ngokushesha inkinga yesomiso samanzi emiphakathini oyakhele.
UMnuz Senzo Mchunu uthe uyazi ngenselelo elethwa ukuntuleka kwamanzi emiphakathini yaseThekwini.
UMchunu uthe kumanje ufakana imilomo nalo masipala ukuze kubuyiselwe esimweni esijwayelekile ukuhlinzekwa kwabantu ngamanzi.
Eminye yale miphakathi ayibalile uMchunu owasoThongathi, ePhoenix naseVerulam.
“Sinxusa umasipala ukuthi uthole isixazululo ngokushesha, ngisho kungathiwa kumele kusetshenzwe ebusuku nasemini. Kumele kuqinisekiswe ukuthi imiphakathi engenawo amanzi iyawathola ngokushesha,” kusho uMchunu.
Uveze ukuthi onjiniyela nochwepheshe benkampani kahulumeni ehlinzeka ngamanzi, uMngeni-uThukela nabakamasipala basebenza ngokubambisana ukuze kulungiswe ingqalasizinda ecekeleke phansi.
Uqhube wathi lolu hlelo luzoqhubeka kuze kube abantu bayawathola amanzi emiphakathini ekhahlamezekile.
“Kuyinto ebucayi ukungabi khona kwamanzi futhi siyayiqonda intukuthelo yabantu. Siyaxolisa ngokuphazamiseka kwendlela abahlinzekwa ngayo ngamanzi futhi sengiyalele abalungisa umonakalo ukuthi basebenze ngokushesha,” kusho uMchunu.
Ngesonto eledlule uMchunu nephini lakhe uMnuz David Mahlobo bakhwele badilika ebuholini bomasipala ababusole ngokuthi buzithela ngabandayo uma kumele bulungise inkinga ephathelene namanzi.
Lokhu kwavela engqungqutheleni eyayiyizinsuku ezimbili eyayiseKempton Park, eGauteng.
Yayizinyaziswe abasebenzi beminyango kahulumeni, izimeya, izimenenja zomasipala nabengamele izinkampani zikahulumeni ezihlinzeka ngamanzi.
“Sekunesikhathi umnyango wazi ngengqinamba elethwa ukuntuleka kwamanzi kule miphakathi futhi siyaxoxisana nomasipala ukuze kutholakale isisombululo,” kusho uMchunu.
Ukhale ngezulu elina umlibe esifundazweni wathi lidala omkhulu umonakalo kwingqalasizinda okubalwa kuyona neyamanzi, kubhebhethekise inkinga yokuntuleka kwamanzi.
UMchunu uthe uMasipala waseThekwini ukomasipala abagunyazwa uMthethosisekelo ukuthi uhlinzeke abantu ngamanzi ngakho kumele wenze lokhu okugunyazwa wumthetho.