KUKHONA nabalisa okusolwa ukuthi ngabaseLimpopo kwabavithizwe ngamaphoyisa ngenhlamvu kulandelwa umkhondo wokuqhunyiswa kwezimoto zemali eThekwini.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uBrigadier Jay Naicker, uthe amaphoyisa abelandela umkhondo obaholele KwaMashu.
Izigameko zokubanjwa kwezimoto ezithwala imali kuleli sonto bezixakile eThekwini lapho abasolwa bebeziqhumisa khona bakhale bemuke nemali.
Uthe ngesikhathi amaphoyisa ezibika ukuthi asekhona, abasolwa bavulele ngenhlamvu bebhekise kuwona, nawo ase eyadubula. Uthe kunabalisa ababili okusolwa ukuthi ngabaseLimpopo abebelapho endlini, abane abasale enkundleni.
UNaicker uthe kutholakale izibhamu ezine ama-AK47, i-R5 eyodwa nezibhamu ezincane ezimbili nenqwaba yezinhlamvu. Uthe kutholwe inqwaba yeziqhumane, izinombolo zezimoto ezehlukene, okukhona kuzona ezaseLimpopo.
Bekukhona nezinto ezisetshenziswa ukuvula izimoto.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu- Natal, uColonel Robert Netshiunda uthe elinye ithimba lamaphoyisa libophe umlisa oneminyaka engu-50 ubudala mayelana namacala okubanjwa kwezimoto zemali.
Uthe amaphoyisa athole ulwazi oluwaholele eHluthankungu lapho athole khona lo mlisa nezibhamu. Utholwe nezibhamu ezimbili ezisusiwe izinombolo zazo.
Uphinde watholwa nenqwaba yezinhlamvu, ivesti evikela inhlamvu, imishini yokuvula imoto, izikhwama zemali zasemabhange, amakhadi asebhange angu-12 nomazisi bakuleli abangu-26.
Lo mlisa ubuye ayamaniswe nokubanjwa kwemoto yemali necala lokuzama ukubulala, okwenzeka emgwaqweni uN2 ngoMeyi nonyaka.
Ngesikhathi kwenzeka lokhu omunye wabasolwa walimala, omunye washona bedudulana nabaqaphi bemali. Omuye wabo waboshwa wagqunywa esitokisini, namanje usephakathi.