BAVELE eNkantolo yeMantshi eRandburg ngoMsombuluko abaqaphi abayisishiyagalombili kulandela ukuzinikela emaphoyiseni ngeSonto.
Laba baqaphi abayisishiyagalombili abangaphansi kombutho wamaphoyisa, babonakala kwividiyo esatshalaliswe ezinkundleni zokuxhumana, beshaya abantu abathathu emgwaqweni uN1 ngaseFourways, eGoli.
Kuthiwa bazinikele esiteshini samaphoyisa eSandton ngemuva kokuvela kwezindaba zokuthi bazoboshwa njengoba bese luphothuliwe uphenyo ngamacala abo. Babekwe amacala okushaya ngenhloso yokulimaza kanjalo nokuphatha budedengu isibhamu.
Namuhla, kudingidwe izicelo zebheyili kanti umbuso uveze ukuthi uyaziphikisa lezi zicelo. Icala lihlehliselwe uLwesithathu kusasa, abasolwa bazogqunywa esitokisini baze babuyele enkantolo.
Kumangale abaningi enkantolo kubonakala ummeli wodumo lwecala lokubulawa kukaSenzo Meyiwa u-Advocate Malesela Teffo.
UTeffo ubemile egudle udonga phakathi enkantolo eduze kwezintatheli ebezithamele leli cala.
Bayabuzana abantu ezinkundleni zokuxhumana ukuthi ingabe lo mmeli uzingela ikhasimende elisha nakuleli cala noma uzobuka ozakwabo kwezomthetho benza abadume ngakho.