UNQABE ukufaka isicelo sebheyili oyedwa kwababili abasolwa ngokuhlahlela amalungu amahlanu omndeni owodwa wasesiGodini, eMgungundlovu.
UMnuz Siphesihle Xulu (24) ubevele eNkantolo yeMantshi yaseMgungundlovu izolo noMnuz Philani Shezi (39) asolwa naye, yena okuthiwe uzosifaka ngoFebhuwari 7 esakhe isicelo sebheyili.
Basolwa ngokubulala isaguga uNkk Thokozile Gumede (85), indodakazi yaso uNksz Fikile Gumede (45), abazukulu uZiyanda Gumede (9), u-Ayanda Gumede (11) no-Asanda (11).
Laba batholwa yilungu lomndeni bedindilize exhaphozini legazi ngoLwesine. Ngokusho kwamaphoyisa, leli lungu liveze ukuthi lalikade livakashe ndawana thize ngobusuku okwenzeka ngabo isigameko.
Imbazo okukholakala ukuthi bahlahlelwa ngayo, nayo yatholakala endaweni yesigameko.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, elandisa ngokuboshwa kwabasolwa, uthe emva kwesigameko amaphoyisa athatha abantu ababili ukuyobaphosa ngemibuzo.
“Emva kokuphekwa ngemibuzo, bobabili babekwe icala,” kuchaza uNetshiunda.
Uthe bavele eNkantolo yeMantshi yaseMgungundlovu namuhla (esho izolo). Umuntu ngamunye ubhekene namacala ayisihlanu okubulala nelilodwa lokuphanga esebenzisa indlakadla.
“UXulu usilaxazile isicelo sakhe sebheyili, uShezi yena kulindeleke ukuthi asifake ngoFebhuwari 7 esakhe isicelo sebheyili,” kuchaza uNetshiunda.
UMkhuzi wamaphoyisa KwaZulu-Natal uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi ukushayele ihlombe ukusebenza ngokuzikhandla kwethimba labaphenyi, kwaboshwa abasolwa ngokuphazima kweso.
Uyalele ithimba ukuba liqhubeke nokuqinisa uphenyo lwalo ukuze liqinisekise ukuthi abasolwa bathola isigwebo esifanele ngesenzo sabo asichaze njengesinonya.
“Ukuboshwa kwabasolwa ngokushesha kuyancomeka. Silishayela ihlombe ithimba labaphenyi ukwenza umsebenzi oncomekayo ngesikhathi esifishane. Kumele benze konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi ubulungiswa buyenzeka,” kusho uMkhwanazi.
Ubuye wathi kufanele baphenye nokuthi abekho yini abanye abasolwa abathinteka kulesi sigameko abasengaphandle ukuze nabo bezobhekana nengalo yomthetho.