AVUKE umbhejazana avala ngamatshe nangemfucuza umgwaqo izolo, amalungu omphakathi wasoBhaqa, KwaNongoma ekhala ngokuhlinzekwa ngamanzi okuthiwa sekunesikhathi eside bengenawo.
Kuphoqe ukuthi izimoto ezisebenzisa umgwaqo odabula kule ndawo zijike ngenxa yolaka lwamalungu omphakathi abewotha ebomvu esola uMasipala waseZululand ohlinzeka ngamanzi, ngokungawukhathaleli.
Ilungu lomphakathi ebeliyingxenye yababhikishi elingathandanga ukudalulwa, lithe le ndawo eku-ward 3 inamapitsi amathathu kuphela umphakathi othembele kuwo ukuthola amanzi, kanti wonke asenesikhathi efile.
“Noma abebuye esebenze, kodwa abekhipha amanzi amuncu angaphuzeki neze ebesiwasebenzisela kuphela ukuhlamba izimpahla. Besithembele ohlelweni lokulethwa kwamanzi ngamaloli, nalo kamuva nje alusacaci njengoba sekuke kuphele isikhathi engafiki,” usho kanje.
IMeya yaseZululand uMnuz Thulasizwe Buthelezi ikugxekile ukuvalwa komgwaqo okwenziwa amalungu omphakathi uma ekhala ngezidingo. Ubekhuluma emhlanganweni okuthiwa bekungowokubhunga ngenselelo yamanzi obukhona KwaNongoma izolo.
“Uma nikhala ngezidingo ezithile uvalelwani umgwaqo? Njengoba bevale umgwaqo bekumele ngabe balapha, kodwa manje kuzofinyelelwa kanjani kubona ukuze kulalelwe izikhalo zabo? Namanje ke sisalindile ukuthi kuvulwe umgwaqo ukuze sikwazi ukusondela,” usho kanje