BAVUKE umbhejazane bavala thaqa isango lesikole abazali baseManzibomvu Primary, eMbazwana, ngoLwesithathu benengwa yisimemezelo sokubuyiswa kukathisha wesifazane abamsola ngokuthi washaya umfundi washona nyakenye.
Ngokuthola kweSolezwe lo thisha obefundisa uGrade 2 kulesi sikole, umiswe ngoSepthemba nyakenye emva kwezigameko ezahlukene zokushaya abafundi abalimaze.
Kuthiwa lezi zigameko, ezifaka phakathi nalesi somfundi okuthiwa washona emva kwezinsukwana eshaywe kabi yilo thisha, zenzeke maphakathi nonyaka owedlule, kusaphele izinyanga ezintathu kuphela efikile kulesi sikole.
Ilungu lesigungu sabazali, uMnuz Bhekisisa Ncube, litshele Isolezwe ngoLwesithathu ukuthi bona incwadi egunyaza ukubuya kwalo thisha kulesi sikole, yafika kubona ngoLwesihlanu olwedlule.
Uthi yabe ibazisa ukuthi umnyango umthole engenacala kulawa ayebekwe wona, wokushaya izingane azilimaze. Uthi iqhuba ithi uthisha angabuyela esikoleni kodwa agweme ukwenza into engagcina icasula abazali.
“Sithe uma siyithola le ncwadi ayiletha ngoLwesihlanu ephelezelwa yilungu lenyunyana yakhe, sayalela uthishanhloko ukuthi atshele abafundi ukuthi kunomhlangano wabazali ophuthumayo ngoLwesibili,” kusho uNcube.
Uveze ukuthi bekukulo mhlangano lapho befundele khona abazali le ncwadi.
“Ngemumva kokufundwa kwayo, abazali badinwe bagana unwabu, bafunga bagomela ukuthi bayasivala isikole uma kubuyiswa uthisha abangamfuni nabanovalo lokuthi uma ebuyiswa, uzoqhubeka alimaze izingane zabo,” kusho uNcube.
Uthe abazali bathe isikole sizoqhubeka sivalwe kuze kube wukuthi balethelwa omunye uthisha ozongena esikhaleni salona abangafuni nokumbona.
Uveze ukuthi bathole ngehhovisi lezemfundo lesifunda ukuthi kunezikole ezimbalwa umnyango obusuzame ukuthi ayiswe kuzo kodwa wala waphetha.
Kunemibiko ethi uthishanhloko wangaphambilini, wayezama ukungenelela enze ubulungiswa odabeni lokushaywa kulinyazwe abafundi yilo thisha.
UNksz Lindiwe Nsele ongumzali ka-Ayabangwa Ngema (8) okuthiwa washona emva kwamasonto amabili eshaywe yilo thisha nyakenye, uthe ukholwa wukuthi ingane yakhe yashona ngoba yayikade ishayiwe.
Uthe ingane ngosuku eyashona ngalo yayikhala ngokuthi kukhona into eyihamba esiswini njengenyoka.
“Kuthe emva kwesikhathi yabe isingibuza ikhala ukuthi mama uyamuzwa yini umemu uthi mina nothishomkhulu sizofa. Nangampela ingane yami yashona ngalo lolo suku. Kwathi uthisha omkhulu yena washona ezinsukwini ezimbalwa ezilandelayo,” kusho uNksz Nsele.
Uphethe ngelithi uma egcina ebuyiswa ngempela lo thisha kulesi sikole, umndeni wakhe usuhlele ukuthi uzikhiphe izingane zawo ezintathu ezisafunda kuso okukhona kuzo eyakhe eyodwa.
UNobhala jikelele weNatu, uMnuz Doctor Ngema uveze ukuthi uthisha uke wamiswa esolwa ngezinto eziningi okukhona kuzo ukusebenzisa amakhambi.
“Ezinye kube ngezokushaya abafundi. Kuzo zonke utholwe engenacala. Uma uthisha etholwa engenacala-ke ezinsolweni asuke ebekwa zona, kuye kuphoqe ukuthi abuyele esikoleni,” kusho uNgema.
Uthe beyinyunyana kabahambisani nendlela abazali abasingatha ngayo udaba, wathi bazibeka engcupheni yokuthi baphucwe lo thisha ayiswe kwesinye isikole, izingane zabo zisale singenathisha.
Kushaye isikhathi sokushicilela uMnyango wezeMfundo ungaphendulanga ngalolu daba.