SEBEHAMBA bejeqeza, bacele namaphoyisa ukuba abaphelezele uma beya emsebenzini othisha besikole samabanga aphansi esiseThekwini emuva kokubulawa kukathishomkhulu odutshulelwe emagcekeni esikole.
UMnuz Frank Mthembu (58) udutshulwe emagcekeni esikole iDelani Primary eThornwood, eMariannhill, ngoLwesithathu olwedlule.
Usocongwe ngosuku obekwenziwe ngalo umcimbi wokuvalelisana kwabafundi bakwaGrade 7 esikoleni.
Kuthiwa uMthembu wayekade edlana indlebe nonogada wesikole ngasesangweni ngesikhathi kuqhamuka imoto yapaka.
Kuvela ukuthi emotweni kwehla indoda eyayihlome ngesibhamu, yaqonda kuMthembu yadubula ibhekise kuyena wawa phansi.
Umsolwa kuthiwa wabuyela emotweni eyayikade imlindile bakhala amaphepha. Isibhamu siqhuma nje kuthiwa kwakusenabafundi esikoleni, abanye sebegodukile.
Indodana kathishomkhulu, uMnuz Siyanda Mthembu, ithe okwamanje akukho abangakusho kwabezindaba ngalesi sigameko njengoba besemanzini. Uthe bazodedela ingalo yomthetho iqhubeke nophenyo elwenzayo.
Umthombo weSolezwe uthe othisha bethukile futhi kukhona abanye asebeya emaphoyisa beyowacela ukuthi abaphelezele uma beya esikoleni.
Ikhansela lendawo, uMnuz Mthokozisi Gasa, libabazile lathi kuyiqiniso ukuthi umphakathi nothisha bathuka izanya ngoba abazi lo mkhuba omubi kangaka uvelaphi.
UGasa uthe isigameko sokubulawa kukaMthembu sifika nje umphakathi ubusazikhotha amanxeba ngesihlava sokudunwa kwezimoto endaweni.
“Siyamazi uMthembu ubeyindoda eqotho ebisisibenze kulesi sikole isikhathi eside. Kulukhuni ukuqagula imbangela yokubulawa kwakhe ngoba akuthathwanga lutho yakhe. Ugcina ngezinsolo nje ukuthi hlampe izimpi zangaphakathi esikoleni,” kusho uGasa.
UGasa uthe sekuthanda ukuba insakavukela ukubulawa kothisha kubangwa izikhundla. Wengeze ngokuthi ukubulawa kukaMthembu ngosuku lomcimbi esikoleni kunokusolisa ukuthi ababulali lukhona ulwazi ababenalo.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Mlotshwa, uthe bayibeke eqhulwini indaba yokuphepha ezikoleni kepha umphakathi kumele nawo udlale indawo yawo.
“Indaba yokuphepha ezikoleni ibaluleke kakhulu yingakho sigcizelela ukuthi umphakathi uqikelele ukuthi izikole zethu ziphephile. Kuningi esikwenzayo njengomnyango ukuqhamuka nezisombululo, okuhlanganisa futhi okungagcini ngengqungquthela eyayidingida ngezokuphepha esikoleni esingathwe eminyakeni embalwa edlule. Nokho-ke isisombululo esiyisona sizoqhamuka emiphakathini ngoba lokhu okwenzekayo kuyimiphumela yokudlebeleka nobugebengu esibhekene nabo emphakathini,” kusho uMlotshwa.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa aseMariannhill aphenya icala lokubulala futhi kayaziwa imbangela yokubulala.
UNetshiunda uthe uMthembu wadutshulwa ekhanda waphuthunyiswa esibhedlela lapho ashonela khona.