SIWUTHOBE amanxeba umndeni wakwaSibiya isigwebo esinikwe izelamani zakhona iNkantolo yeMantshi yaseThekwini ngoLwesihlanu ngecala lokudubula zibulale abazali.
Abalahlwe yicala ngoPhilani Sibiya (38), Zakhe Sibiya (40) noLamulani Sibiya (27).
Bobathathu banikwe odilikajele ababili umuntu ngamunye ngamacala okubulala abazali, uNkk Thembisile Sibiya (61) noMnuz Khetheyakhe Sibiya (70) ngoFebhuwari 2020. Baphinde bagixabezwa ngeminyaka engu-15 umuntu ngamunye ngecala lokutholakala nezibhamu ezingekho emthethweni.
Isolezwe lithole ukuthi kulo mndeni kwaphinde kwabulawa ngendlela engaqondakali inkosana yakhona, uMnuz Mabutho Sibiya (43) nyakenye. Kuthiwa wayengufakazi oqanda ikhanda ecaleni lokubulawa kwabazali bakhe ngoba wayekhona ngosuku lwesigameko. Kuthiwa wabulawa ekade ebuya ukuyokwethula ubufakazi enkantolo.
Udadewabo, uNksz Nelisiwe Sibiya, ekhuluma neSolezwe ngoMsombuluko, uthe yize isigwebo singeke sibavuse abazali bakhe kodwa siyawathoba amanxeba avuleke kubulawa abazali ngesihluku.
“Kuwathobile amanxeba ukuboshwa kwabo, yize bengeke besabuya abazali bami kodwa nabo njengoba beboshiwe nje, ngeke bayijabulele impilo yabo ngokusiphuca abazali,” kusho uNksz Sibiya.
Echaza ngesigameko uthe yifa elaba yimbangela yokubulawa kwabazali.
Uveze ukuthi emva kokuthatha umhlalaphansi esibhedlela eKing Edward V111, uyise wathenga amatekisi amabili ajoyina ngawo embonini yamatekisi, waphinde wathenga neveni kokuthutha izingane zesikole.
Uthe wabatshela ababulali ukuthi lokhu wayekwenza ukuze uma efa basale nesinkwa njengoba bahlulwa nayisikole.
“Bona bakhetha ukuthi basheshe bamphuce impilo yakhe.”
Uthe ngosuku lwesigameko, baphuma bayodumisa amatekisi egaraji, uyise waphuma wayobheka ukuthi kwenzekani, bavele bamdubula.
“Wabaleka weza endlini wazotshela umama, bakhipha isibhamu sakhe esisemthethweni banikela ekamelweni lababulali, beyobabikela ukuthi nangu ubaba ehlaselwa,” kusho uNksz Sibiya.
Uthe uyise wanika uPhilani isibhamu sakhe ngethemba lokuthi uzophuma ayobheka ebebemhlasela egaraji, kodwa uPhilani wavele wamqedela ngesibhamu uyise ayemnike sona.
“Umama wathwala izandla ekhanda, ebuza ukuthi bambulalelani ubaba, baqhubekela kuye naye bamdubula, bobabili bashonela khona lapho,” kusho uNksz Sibiya.
Uthe emaphoyiseni babhala isitatimende bathi uyise uhlaselwe abantu abasola ukuthi yizinkabi zasembonini, kodwa baboshwa emva kwezinsuku ezimbili ngoba uMabutho wabhala isitatimende esihlukile emaphoyiseni, esasisho ukuthi umkhuba usekhaya.