UKUHOXA kukaChidimma Adetshina emncintiswaneni wonobuhle uMiss South Africa, sekusele izinsuku ezimbili ngaphambi kosuku lokuklomelisa onqobile, kufane noju kwizakhamuzi zakuleli zwe ebezingayizwa indaba yakhe.
UChidimma (23), kuthe ngoLwesine wakhipha isitatimende, ememezela ukuthi usenqume ukuhoxa emncintiswaneni, okuzomenyezelwa onqobile kuwona namhlanje ebusuku, eSunBet Arena, ePitoli.
Bese kuyisikhathi kunempikiswano ngokungenela kwale ntokazi kulo mncintiswano, kukhona abakhala ngokuthi akufanele ngabe iwungenele ngoba uyise owaseNigeria, kuthi unina udabuka eMozambique, yize bekwaziwa kuthi izalelwe eGoli, futhi yakhulela eSoweto, okwenza ibe nobuzwe baseNingizimu Afrika.
USthembiso Mngoma ubhale ekhasini lakhe lakwiFacebook wathi: “Ukube abantu abakhulumanga ngabe ayivelanga le nto eyenziwa eminyakeni ewu-23 edlule. Cabanga nje ukuthi kunomuntu okunzima ukuthi athole umazisi, kanti uvinjwa yizigebengu ezingena kuleli zwe ngokungemthetho.’”
UKwena Molweka uthe: “Akekho umuntu ongangenza ngikholwe wukuthi uChidimma uwumgilwa kukho konke lokhu. Umgilwa kulesi simo wumuntu wakuleli zwe owaphucwa ubuzwe bakhe eminyakeni ewu-23 edlule, futhi lowo muntu kumele atholakale, anxeshezelwe ngakho konke lokho.”
NgoLwesithathu ebusuku, uMnyango wezaseKhaya, ukhiphe isitatimende uveza ukuthi ukuphenywa kwawo ngoChidimma, kuveze ukuthi unina wasebenzisa umazisi womunye umuntu wesifazane ukumbhalisa njengesakhamuzi sakuleli zwe.
UMnyango uveze nokuthi uyaqhubeka uyaphenya futhi uzobathathela izinyathelo bonke abathinteka kugcobho lwakho konke okwenzeke ngokungemthetho ngodaba lukaChidimma.
“’Ukuba kulo mncintiswano bekumnandi kodwa emva kokubheka izinto eziningi, sengithathe isinqumo esinzima sokuhoxa kuwona, ukusiza ukuzivikela nomndeni wami,”’ kusho uChidima ekhasini le-Instagram.
Akuphelanga sikhathi esingakanani, nenhlangano iMiss South Africa, yakhipha isitatimende ifisela uChidimma inhlanhla kukho konke ahlela ukukwenza ngempilo yakhe.
“Inhloso yethu wukuqhakambisa izinhlanga ezahlukene futhi sibeke eqhulwini ubuntu, kanjalo nje sizibophezele ukubamba iqhaza ukwenza abantu besifazane base-Afrika, nasemhlabeni jikelele bazithembe ngobubona,”’ kusho iMiss SA.
Ukuphuma kukaChidimma, kusho ukuthi namhlanje kuzoqhudelana izintokazi eziyishumi kuMiss SA, obuya ihlandla lesi-66 nonyaka, okungoNompumelelo Maduna, Kirsten Khan, Layla Zoubair, Ontshiametse Tlhopane, Palesa Lombard,Taahira Katz, Kebalepile Ramafoko waseMpumalanga, Mia Le Roux waseFree State, Onalenna Constantin waseNorth West, noLebohang Khoza othwele amathemba eKwaZulu-Natal.