BAFUNA imali ihlale elokishini osomabhizinisi abancane baseNtuzuma abesungule inkampani ediliva eNtuzuma, Inanda naKwaMashu.
UThando noLuthando Adam (28) bangamawele aqale ukungena kwezamabhizinisi besafunda eNyuvesi yaKwaZulu-Natal.
“Ngesikhathi sisenyuvesi sabona ukuthi abantu bafuna ukudla kwesintu, okwakungadayiswa. Sabe sesiqala ibhizinisi lokukudayisa, size sihambisela abantu ababehlala eduze kwaseHoward College. Sithe sesiqede iminyaka emithathu kwiziqu zethu zeCommunity and Development Studies saqala safuna umsebenzi (internship), sabe siqhubeka nokufunda,” kuchaza uThando.
Kube sekuqala izinkinga sebenza i-apost grad njengoba kwakufanele bakhokhe ingxenye ethile yemali yokufunda ababengenayo njengoba uyise esebenza egaraji kanti unina akasebenzi.
“Sithe sisabhekene nenkinga yokuthi asinamali sathola umsebenzi egaraji. Sisebenzile isikhathi esincane wase uLuthando ethola i-internship. Mina ngiye ngathola itoho kwenye inkampani ediliva ukudla. Ngibonile ukuthi ayingeni elokishini njengoba abashayeli bezithuthuthu besaba ukuya elokishini. Kwase kufika umqondo wokuthi kungani singasunguli ibhizinisi elifana naleli kodwa elizogxila elokishini,” kusho uThando.
Uthe baye baqala ibhizinisi lokudiliva ukudla elibizwa nge-XBro’s Delivery bathenga isithuthuthu sokuqala ngemali kamfowabo ayeyithola ngesikhathi eqeqeshelwa umsebenzi.
Njalo uma bethola amatoho, uthi bebeyibeka imali ukuze bathenge ezinye izithuthuthu.
ULuthando ugqugquzele abantu abasha ukuthi bavuke bazizamele ngalokho okuncane abakutholayo ukuze bazakhele awabo amathuba omsebenzi.
“Abantu abasha abeze nezixazululo kwizingqinamba ezibhekene nezindawo abahlala kuzo. Esikhathini esiningi lezo zisombululo ziyakwazi ukuphenduka ibhizinisi. Thina sibonile ukuthi kunabantu abaningi abanamabhizinisi okudla elokishini kodwa baswele umuntu ozokudiliva, sase siza nesisombululo,” kuchaza uLuthando.
Sebekwaze ukuvula amathuba omsebenzi amane kanti maduze nje bazimisele ukwethula i-app ezosetshenziswa ngabantu abathenga ukudla.
Abagcini ngokulanda ukudla ezitolo zokudlela eziselokishini kodwa bayakulanda nasezinxanxatheleni zezitolo.
Bayayilanda nemithi kudokotela nasemitholampilo njengoba beyinkampani edilivayo. Eminye imininingwane itholakala ekhasini labo leFacebook eliwu-X_Bro’s Delivery Services.