UFUNA umthetho udlale indima yawo umndeni wowesilisa waseMphumulo Mission KwaMaphumulo kulandela ukufa kwelungu lawo esibhedlela kade lishayiwe.
UMnuz Ntobeko Mkhize (35) kuthiwa ushaywe abesilisa bendawo ngoMsombuluko, bamphuthumisa esibhedlela, washonela khona ngoLwesibili.
Umalume wakhe uMnuz Thobekani Mkhize, uthe bathole ukuthi umufi wayezihlalele esitolo eMagenqezeni ngesikhathi abasolwa abaziwayo bemthatha ngesidlozane, baya naye esitolo sabo.
“Sithole ukuthi bamthatha ngemoto yabo, bafike bamshaya amahora amane kuya kwamahlanu. Kuthe sebebona ukuthi uselimele kakhulu, bamphuthumisa esibhedlela eMphumulo,” kulandisa uMkhize.
Uqhube wathi bathole ukuthi ngesikhathi befika esibhedlela babhalise amagama aphelele kamufi, kodwa bathi umuntu abangamazi, abamcoshe elele eceleni komgwaqo elimele eMbitane.
“Ukuze sithole ngokufakwa kwakhe esibhedlela kusize ukuthi udadewethu usebenza khona. Uthe uma ezongena emsebenzini wazithela phezu kwakhe, wathi uma ebuza ukuthi kwenzekeni, amanesi athi ulethwe abantu abathe abamazi, bamsizile nje ngoba bembona elele eceleni kwendlela elimele,’ kusho uMkhize.
Uthi udadewabo ubheke ifayela lakhe abambhalise ngalo, wathola ukuthi babhale amagama akhe enjengoba enjalo.
“Ubuze umbuzo wokuthi uma kungabantu abangamazi bawaze kanjani pho amagama akhe ngoba yena ubesesimweni esibi, engakwazi nokukhuluma,” usho kanje.
Uqube wathi ngoLwesibili ekuseni, engakashoni umufi ukwazile ukutshela ilungu lomndeni elisebenza esibhedlela ukuthi ushaywe owesilisa wasesitolo nabangani bakhe.
“Sithe uma sesihlanganisa inkulumo kamufi, ubufakazi bokubhaliswa kwamagama aphelele akhe esibhedlela nobokuthi wathathwa ngesidlozane abantu abaziwayo, sabona ukuthi yibo abambulele,” kusho yena.
Uveze ukuthi umufi emasontweni amabili edlule uke wazama ukugqekeza esitolo sabasolwa, wabanjwa engakebi.
Uthi waxolisa, umndeni wakhona wenza sengathi umxolele.
“Uma sekwenzeka kanje, kusobala bebengaxolile. Sibuhlungu ngokuthi bakhethe ukuthi bavele bambulale. ”Sifisa umthetho udlale indima yawo ngoba ngeke sizithathele umthetho ngezandla,” kusho uMkhize.
Ubuye wakhala nangokuthi bakhelene, bayazana, okwenzekile bebengakulindele.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Robert Netshiunda uthe amaphoyisa aKwaMaphumulo aphenya idokodo lokufa komuntu.