BASOLA ukuthi ukubulawa kwelungu lomndeni wabo kumayelana nokulwela kwalo ifa likamfowabo ongcwatshwe ekuqaleni kukaJuni, nonyaka.
Kuvela ukuthi umufi, uMnuz Siyanda Mtshahe (30), udutshulwe wabulawa KwaXimba, ngoMsombuluko, ehla etekisini.
Uphuthunyiswe emtholampilo wadluliselwa esibhedlela saseMgungundlovu nokuyilapho ashonele khona ngoLwesibili.
Amalungu omndeni athi akholwa ukuthi ukubulawa kukaSiyanda kumayelana nokuthi ubefuna kubuye izinto zikamfowabo owayeyiPhoyisa loMkhandlu weTheku, uMnuz Simphiwe Mtshahe (34) kowesifazane abethandana naye ongumhlengikazi abamsola ngokuthi ubegweve nazo.
Ngokwelungu lomndeni elicele ukuba kugodlwe igama lalo, uSiyanda udutshulwa nje, ubebuya ukuyolanda iveni likaSimphiwe owagcina engazange abuye nalo.
Liveze ukuthi umhlengikazi ugcine ethi yilo kuphela abazolithola ezimotweni ezine ebebazi ukuthi ezikaSimphiwe.
Lo mhlengikazi kuthiwa uthe lezi ezinye ezintathu bekungezona izimoto zikaSimphiwe.
“Ehamba ekuseni ubeyohlangana nalona wesifazane eMgungundlovu, ukuze amnike iveni. Kuthe uma kuqhubeka usuku, unkosikazi wakhe (uSiyanda) esemthinta ngocingo wathola ukuthi usetekisini eza ekhaya.
“Umbuzile ukuthi ulandeni etekisini, uSiyanda waphendula ngokuthi bazoxoxa kahle esefike ekhaya nokugcine kungenzekanga ngoba uhlaselwe eqeda kwehla etekisini,’’ kusho ilungu lomndeni.
Liveze ukuthi lona wesifazane akakaze aze ashaye ucingo selokhu bevelelwe umshophi wokubulawa kukaSiyanda.
Leli lungu liphinde lathi lona wesifazane akakaze abachazele nokuthi yini edale ukuthi uSiyanda engabe esabuya neveni.
Kuvela ukuthi engakabuyi uSiyanda, kunabantu abangaziwa abafike izikhawu ezimbili ekhaya bembuza, kulandulwa kuthiwa akakabuyi eMgungundlovu.
Kubuye kwavela ukuthi ukuqhuma kwesibhamu ayehlaselwa ngaso kwenzeka emuva kwemizuzu engu-30, bevalelisile laba bantu abekade bembuza.
Ezintweni ezaziphethwe nguSiyanda kuvela ukuthi wayephethe umazisi kanina nesitifiketi sokufa kukamfowabo esingatholakalanga ngesikhathi eseficwa endaweni yesigameko.
“Yikho ke lokhu okwenza sisole ukuthi ukubulawa kwakhe kuhlangene nombango wefa likamfowabo abefuna libuye ukuze kuzokhuliswa izingane zikamufi azithola kunkosikazi ayeshade naye ngokusemthethweni,’’ kusho ilungu lomndeni.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConstable Thenjiswa Ngcobo, uthe amaphoyisa aseMsunduzi aphenya icala lokubulala kulandela isigameko sokudutshulwa kubulawe owesilisa (30).