ULAKA lwabalaleli bomsakazo Ukhozi FM, abasola lo msakazo ngokubaqola ngomncintiswano wangoJuni nyakenye, luphoqe iSABC ukuthi iphumele obala ivume induku ngokungamemezeli umuntu owawina.
Lokhu kuza emva kokuthi omunye wabebeqokwe kulo mncintiswano ekhale ngokuthi akasazi nokuthi uzophendula athini kubantu ababemvotela njengoba kwavele kwacweba iziziba sebevotelwe.
Kwakuqokwe abantu abangu-63 emiphakathini eyahlukene nabayiswa emoyeni ezinhlelweni ezahlukene kuKhozi FM, bechaza ngemisebenzi yabo eyenze ukuthi baqokwe. Lo mncintiswano ubuqhutshwa ngaphansi kwesiqubulo esithi #Ukhozifm63 njengoba lo msakazo ubugubha iminyaka engu-63 wasungulwa. Abalaleli babenxuswe ukuthi bavotele umuntu oqokiwe ngokuthumela umqhafazo owawubiza u-R1.50.
Isikhulu esibambile kwaSABC, uMmoni Seapolelo, sithe baxolisa kakhulu ngokuthi angamenyezelwa umuntu owinile kulo mncintiswano.
“Singakuqinisekisa ukuthi ngenxa yezimo ezingeke zidalulwe, ukumenyezelwa komuntu owawina emncintiswaneni #Ukhozifm63 akamenyezelwanga ngosuku olwalushiwo. Isiteshi sisazomemezela umuntu owawina kwabangu-63 ababeqokiwe baze bayokhuluma nasezinhlelweni ezehlukene zomsakazo Ukhozi FM. Sizoqinisekisa ukuthi abantu abaqokiwe kuseyibona, kuphinde kube ne-audit okuyinto eyenziwa kuyona yonke imincintiswano yethu. I-SABC idlulisa ukuxolisa kakhulu kubalaleli boKhozi FM ngokubambezeleka ukuthi kumenyezelwe owinile,” kusho uMmoni.
Umncintiswano ubunyakenye ngoJune 1, waphela ngo-Agasti 2. Ubuqhutshwa ngaphansi kwesiqubulo esithi: #ukhozifm63.
Kulo mncintiswano kwakucelwe imiphakathi ukuthi iphakamise abantu abenza kahle ezindaweni abahlala kuzo.
Ukhozi FM laphinda labiza ababeqokiwe ukuthi beze ezinhlelweni ezehlukene zomsakazo becacisa ngabakwenza ngasemakubo nokuholele ekutheni baqokwe wumphakathi.
Emva kwalokho kwanxuswa umphakathi ukuthi ubavotele. Babevotelwa ngokuthumela umqhafazo obiza u-R1.50 futhi kuvumeleke ukuthi umuntu angavota noma ikangaki.
Ngeshwa imiphumela ayikaze imenyezelwe kuze kube yimanje. Omunye wababeqokiwe, ozibize ngoPhondolwendlovu Mzolo waseMkhambathini, uthe uke wazama ukukhuluma nabanye ayeqokwe nabo ukuzwa imiphumela, wathola ukuthi bonke basebumnyameni ngalo mncintiswano futhi akekho ovelayo ukuthi wawina kuwona.
Uthe uke wenza imizamo yokuthi abuze nakhona oKhozini kodwa wangazithola izimpendulo njengoba bekucaca ukuthi akekho onolwazi.
Uthe okubuhlungu abantu babavotela manje abasenayo impendulo uma bebuzwa ngabantu ukuthi kwenzekani ngomncintiswano.