KUKHONA okusina kuwajeqeza amalungu e-MK ahhewule umdidiyeli wale nhlangano KwaZulu-Natal, uMnuz Willies ‘Makhuz’emoyizela’ Mchunu, ngeSonto eledlule.
I-MK isinqumele ugwayi katiki labo abahhahhameza uMchunu ngaphandle kwasenkantolo ukuba baxolise.
Ilungu lethimba elihola i-MK KwaZulu-Natal, uMnuz Sibusiso Hadebe, lithe azothathelwa izinyathelo zokuqondiswa ubugwegwe la malungu enhlangano uma engaxolisi.
Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma nabezindaba emva kokuvela enkantolo kwesikhulu senhlangano eyengamele ukhetho, i-Independent Electoral Commission, esiboshelwe ukwephula imigomo yokhetho.
UMnuz Musawenkosi Mnikathi, owayeyimenenja ye-IEC elokishini iMbali ngosuku lokhetho, ubevele eNkantolo yeMantshi yaseMgungundlovu, lapho ebhekene khona necala lokwephula imigomo yokhetho.
Ngesikhathi uMnikathi evele enkantolo ngeledlule, uqhekeko kwi-MK luhlale obala.
Amalungu e-MK aphazamisa uMchunu ngesikhathi ekhuluma nawo, athi afuna ukuba kubuyiswe abaholi beqembu abasanda kumiswa.
I-MK isanda kumisa amalungu esiShayamthetho, uMnuz Thobani Zuma, Dkt Kwazi Mbanjwa, noNksz Cebisile Zuma.
UMbanjwa umiselwe amacala amabili, elokuqala liphathelene nokungaphathwa ngendlela kwezigidi zamarandi ezitholwa i-MK njengengxenye yamaqembu ameleleke esiShayamthetho, umiswe noZuma kuleli cala.
Elesibili umiselwe izinsolo zokuthi waba nesandla esiphithiphithini esenzeka ngesikhathi kunokhetho lokuchibiyela eMsunduzi lapho kwakhishwa khona igama lomuntu owayeqokwe umphakathi ukuthi amele i-MK okhethweni, kwafakwa igama lomuntu owayelale isibili ngesikhathi kukhethwa ozomela le nhlangano.
Kuleli cala uMbanjwa umiswe noNksz Zuma.
UMchunu akazange abe khona izolo enkantolo.
URadebe uthe i-MK inomthetho okufanele ulandelwe yiwo wonke amalungu enhlangano.
“Sibanikeze ithuba lokuthi baxolise. Uma bengaxolisi sizothatha izinyathelo ngokulandela imigomo ye-MK.”
Icala elibhekene noMnikathi lihlehlile ngenxa yokuthi ushintsha ummeli.
Icala lihlehliselwe uFebhuwari 19, lapho khona ummeli omusha ezonikezwa yonke imininingwane yokusuka nokuhlala kwecala, bese kuqokwa usuku okuzoqhubeka ngalo icala.
UMnikathi waboshwa emva kokuthi etholwe ehambisa amaphepha okuvota engagadiwe amaphoyisa.
URadebe uthe ukushintsha kukaMnikathi abameli kukhombisa ukuthi uyabona ukuthi icala lizomgojela.
URadebe uthe basamile ekutheni kwantshontshwa amavoti abo okhethweni lwangonyaka owedlule.
Uphinde wathi abakalilahli ithemba lokuthi bazophatha uhulumeni waKwaZulu-Natal.
“Uhulumeni wokubambisana ophethe iKwaZulu-Natal uzobhdlika. Ngeke uketulwe ithina, ibona abazoxabana bodwa ngoba nabo abazazi ukuthi benzani.”