SIKHULU isililo embuthweni wamaphoyisa eMpumalanga, ngemva kwesigameko sokufa kwamaphoyisa amabili ngoLwesithathu ekuseni, eMbombela.
Ngokwemibiko evelayo, iphoyisa lidubule umphathi ngenhlamvu anduba liphendule isibhamu liqede ngempilo yalo.
Womabili amaphoyisa abeyingxenye yophiko lokuvikela izikhulu ashonele emsebenzini eMbombela.
Okhulumela amaphoyisa esifundazweni uBrigadier Selvy Mohlala, utshele abezindaba ukuthi amaphoyisa afike emsebenzini njengokujwayelekile kungabikwe lutho olubi.
“Kuzwakale kuduma izulu lezandla ekuseni ngo-7.50 nokuyilapho okubonakale khona isidumbu sikaColonel nesikasayitsheni zidindilizile. Kukholakala ukuthi ngusayitsheni odubule uColonel, wasezidubula yena,” kusho uMohlala.
Imbangela yalokhu kayaziwa okwamanje.