KUVALWE isiteshi iNtuzuma FM, eThekwini emuva kokuthi izinswelaboya zigqekeze zashaya zachitha nayo yonke ingqalasizinda yokusakaza ngoMsombuluko ebusuku.
Lesi siteshi esisakaza phakathi kwehora lesithupha ekuseni kuya ku-6 ntambama, bese ebusuku sidlala umculo kuphela, besikade sinabasebenzi abangu-32, iningi labo okuyintsha ethole ithuba kuvulwa lesi siteshi kade iduve emakhaya.
Kuthiwa izolo ekuseni omunye wabasakazi obezongena ubingelelwe yisicabha ebesikade sihlusulwe indawo yokukhiya.
Kuvela ukuthi lo msebenzi usondelile wangena ngaphakathi wafica kumapeketwane kwebiwe amakhompyutha nemishini yokusakaza.
Kwenzeka lesi sigameko nje kuthiwa abasakazi bese kunesikhathi behlaliswe lubhojozi owesilisa wasendaweni obeke afike nabantu abaphethe izibhamu bafike bafune irenti ngodli nakuba indawo kungeyona eyakhe.
Umsunguli futhi ongumphathi weNtuzuma FM, uThabani Zungu, uthe bafe olwembiza ngoba okwebiwe bakusebenzele ngamandla abo bewuqala lo msakazo ngo-2021. UZungu uthe inani lempahla eyebiwe libalelwa kuR25 000.
“Sisola ukuthi yilo muntu obesifikela nabantu estudiyo bephethe izibhamu owenze le nto. Siye kovula icala emaphoyiseni. Lo muntu ubeyaye asisabise nangokuthi uzosivala isiteshi futhi akasifuni endaweni,” kusho uZungu.
UZungu uthe le ndoda ibibuye ibatshele ukuthi bayizifikanamthwalo eNtuzuma, bazoqedela abantu bendawo imisebenzi ngalesi siteshi.
Uqhube wathi bafuna ukuxhaswa ukuze bathenge izimpahla ezebiwe, uvuke lo msakazo ayewuqale ngo-2018 esasakazela egcekeni kubo.
“Sibikile emaphoyiseni ngalesi sigameko. Sidinga ukufudukela endaweni entsha engenakho ukukhuluma futhi ezoba nonogada. Umsakazo owomphakathi, uxhaso esilutholayo besilunikelela abaswele. Umphakathi wonkana uyakhala ngokusehlele,” kubalisa uZungu.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda uthe