BONISWA MOHALE
UHLEZI lubhojozi umphakathi waseFinetown, e-Ennerdale, eGoli emuva kokudutshulwa kwabantu abawu-11 ngempelasonto.
UHLEZI lubhojozi umphakathi waseFinetown, e-Ennerdale, eGoli emuva kokudutshulwa kwabantu abawu-11 ngempelasonto.
Kulesi sigameko okuthiwa senzeke sekuyoshaya u-10 ebusuku, kushone abantu abayisithupha kwalimala kanzima abahlanu.
UBrigadier Brenda Muridili wamaphoyisa, eGauteng, uthe uphenyo lwamaphoyisa luthole ukuthi ngoMgqibelo ngabo 10 ebusuku, izigebengu ezine bezibamba inkunzi abadayisa amanqina emgwaqweni.
Abadayisi baye bazama ukuzilwela ngokushaya izigebengu ngamatshe laze elinye itshe lashaya imoto yezigebengu.
Kuthiwa izigebengu ziye zabaleka ngemoto kodwa zabuya sezihamba ngezinyawo seziphethe izibhamu.
Ngaleso sikhathi kuthiwa abadayisi bese beqhubeka nomsebenzi wabo benganake lutho.
“Abasolwa baye badubula sebebhekise kubadayisi nabantu abebekhona endaweni, kuye kwadubuleka abantu abawu-11. Abayisithupha bashonile kanti abahlanu balimele. Kwabashonile kukhona amadoda amathathu ashonele endaweni yesigameko, abesifazane abathathu, oyedwa ushonele endaweni yesigameko kanti ababili bashone befika esibhedlela. Amadoda amane nowesifazane oyedwa balashelwa amanxeba okudutshulwa esibhedlela,” kusho uBrigadier Muridili esitatimendeni.
Uthe uphiko lwamacala anzima, anodlame, awokubulala nokubanjwa kwenkunzi lusalandela umkhondo ozoholela ekuboshweni kwabasolwa.
Okwamanje bekungakaboshwa muntu njengoba uphenyo lusaqhubeka.
Ezinkundleni zokuxhumana abantu bebezwakalisa ukushaqeka. Abanye bebuzana ukuthi kwenzekani kanti eFinetown. Abanye bebekhala ngokuthi abashonile ngabesifazane namadoda abebezamela imindeni yabo impilo ngokudayisa amanqina njengoba ingekho imisebenzi kuleli.