LUSEYINDIDA namanje udaba lowesilisa waseNkonyane, eBulwer, okuvela ukuthi ubesezinhlelweni zokudivosa, okuthiwa wayaleza kwasebenza nabo ukuthi kubongwe uma ebuyile emsebenzini maqede wanyamalala unomphelo.
UMnuz Sijabule Ngcobo kuthiwa wagcina ukubonwa ngoJulayi 16, emsebenzini wagcina ngoJulayi 15.
Ngokusho komthombo, okuthusa abaningi ukuthi ezinsukwini ezimbalwa enyamalele, kwatholwa amateku anyamalala ewagqokile.
Uchaza ukusuka nokuhlala kodaba, umthombo uthe uNgcobo wakhuluma amazwi ayindida kozakwabo emsebenzini ezothatha izinsuku ezintathu zokuphumula.
Kuthiwa wabe esechitha isikhathi nomngani endaweni yokucima ukoma, babuya ekhaya ebusuku.
“Kuthiwa ngoJulayi 17, umshana wakhe wahamba wayongqongqoza endlini kaNgcobo efuna amphuthumise esikoleni ngemoto yakhe ayeyibona ipakwe egcekeni ngoba wayeshiywe imoto ‘kamalume’. Kuthiwa akuphendulanga muntu endlini, wabe eseya emotweni ukuyombheka khona, wazithela phezu kukamngani elele,” kusho umthombo.
Uveze ukuthi umngani wathi uma ebuzwa ukuthi uphi uNgcobo, wathi ngesikhathi befika ebusuku, uthe useyolala endlini.
Uthe kwaqalwa lapho ukubhekwa kwakhe, kodwa wangatholwa, kwaze kwayobikwa emaphoyiseni.
“Sethukile sekutholwa amateku ayewagqokile endaweni, yena kodwa engabonakali. Asisazi ukuthi kwenzekani,” kusho umthombo.
Uthe abanye bakholelwa ukuthi wazibulala, abanye bazibuza imibuzo engaphenduleki.
“Sizwa kuthiwa ubedivosa nomkakhe, asazi noma lokhu kuhlangene yini nokunyamalala kwakhe. Kuningi nje osekucatshangwa abantu,” kusho umthombo.
Umthombo uveze nokuthi umndeni ufuna umngani owaficwa emotweni achaze ukuthi unyamalale kanjani umuntu kade bendawonye.
Kuthintwa ilungu lomndeni, uNksz Nomfundo Nzimande, ukuqinisekisile ukuthi uNgcobo unyamalele, wathi impela bakhathazekile ngalokhu.
Ebuzwa ngolwedivosi, uthe yize kuke kwaba khona ukugejana nenkosikazi yakhe uNgcobo, kodwa kwabuye kwadlula.
“Siwumndeni besingakaze sitshelwe ukuthi sekukhona izinhlelo zedivosi,” kusho uNksz Nzimande.
Isolezwe llithole ngomthombo ukuthi inkosikazi ayisahlali ekhaya noNgcobo.
UNksz Nzimande uthe: “Kuyasikhatha ukunyamalala kwakhe ngoba akalona uhlobo lomuntu ovele anyamalale nje.”
Siye koshicilela amaphoyisa engakaphenduli emibuzweni athunyelelwe yona.