BASASHAQEKILE namanje abazibonele owesilisa egwaza ebulala okusolwa ukuthi uyintombi yakhe ngeSonto, enxanxatheleni yezitolo iGateway, eMhlanga, eThekwini.
Kulesi sigameko kushone owesifazane oneminyaka engu-30, kwaboshwa abesilisa ababili, okuthiwa kubona kukhona isoka likamufi.
Ozibonele senzeka isigameko, wacela ukungadalulwa, uthe kusuke ingxabano phakathi kukamsolwa nomufi ngesikhathi behambisana bebheke erenki yamatekisi.
“Kubonakele ukuthi kukhona abaphikisana ngakho, yize singeke sazi ukuthi bebephikisana ngani. Sithe sibona lona wesilisa, wabe edonsa ummese egwaza umufi, kwatshaza igazi ngaso leso sikhathi,” kusho umthombo.
Uqhube wachaza ukuthi umufi uvele waphelela lapho kanti ubegwazwe endaweni embi. Uthe bekukhona abantu nezingane ezincane eduze kwendawo yesigameko nokwenze ukuthi kuthuke wonke umuntu.
“Namanje asiyikholwa leya nto,” kusho umthombo.
Uthe umsolwa usheshe waboshwa ngoba isehlo senzeke enxanxatheleni yezitolo lapho kunenqwaba yononogada.
Isolezwe lithole ukuthi umsolwa ubehamba nomngani wakhe.
IMenenja yezokukhangisa enxanxatheleni yezitolo uNkk Ayesha Sewbaran, isiqinisekisile isigameko yathi senzeke eduze kwerenki yamatekisi emini ngeSonto.
Wathi inxanxathela yezitolo ikubeka phambili ukuphepha kwabathengi yikho udaba selwedluliselwe emaphoyiseni ukuthi aluphenye.
“Abenzi bobubi baboshiwe ngamaphoyisa, ngebhadi umgilwa ushonile. IGateway ithumela amazwi enduduzo emndenini kamgilwa nabangani,” kusho uNkk Sewbaran.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa aseDurban North, abophe abesilisa ababili oneminyaka engu-37, nengu-44 ngecala lokubulala owesifazane oneminyaka engu-30.
“Umufi ugwazwe waze wafa ngeSonto eMhlanga. Bobabili abasolwa bazovela eNkantolo yeMantshi yaseThekwini,” kusho uNetshiunda.
Uqhube wathi imibiko ithe umgilwa nabasolwa babenengxabano, oyedwa wabasolwa wakhipha ummese wagwaza, wabulala umufi.
“Bazamile ukubaleka kodwa amaphoyisa ababopha,” kusho uNetshiunda.