BATHATHU abasolwa abasale enkundleni ngesikhathi amaphoyisa etholana phezulu nezigebengu emijondolo iLungelani eLa Mercy.
Lokhu kwenzeke entathakusa ngoLwesithathu. Amaphoyisa alunywe indlebe ngequlu labantu abathinteka emacaleni abucayi okubalwa nawokubulala eeNanda kuthiwa babhace kule mijondolo.
Kuhlanganiswe ithimba labaphenyi bezinhlaka ezehlukene emaphoyiseni nakoKlebe banikela kule ndawo.
‘Kusuke uthuthuva ngesikhathi abasolwa bebona ukuthi bavinjezelwe amaphoyisa. Bathathu abasolwa abadutshulwe bafa kulokhu,’ kusho uBrigadier Jay Naicker okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal.
Uthe kwabashonile bathole izibhamu ezimbili. Uthe bakholwa wukuthi abanye babaleke ngesikhathi kudutshulwana.
Amalungu omphakathi ezinkundleni zokuxhumana ancome kakhulu ukusebenza kwamaphoyisa njengoba ebonakala enqoba njalo abasolwa ngokwenza ubugebengu ezindaweni ezehlukene ezakhelene neTheku.
Ngesonto eledlule, amaphoyisa adubule kwafa abasolwa ababili emgwaqweni uBrackenhill, eHillcrest. Kulokhu, amaphoyisa abelandela umkhondo wabasolwa abasohlwini lwabafunelwa amacala ngesikhathi ebona imoto efana naleyo ebaluliwe ukuthi ihamba ngabo abasolwa.
Amaphoyisa azamile ukuyivimba imoto kodwa abasolwa bavuka umbhejazane kwadutshulwana.
“Abasolwa ababili badutshulwe bashonela endaweni yesigameko. Alikho iphoyisa elilimale ngesikhathi kudutshulwana. Abasolwa bebefunwa ngecala lokubulala amadoda amabili adutshulwa abulawa ngaphandle kwethaveni eMolweni ngomhla ka-4 Januwari . Kusolwa ukuthi bayathinteka ecaleni lokubulala indoda eneminyaka engu-50. Umufi watholwa ngaphakathi emotweni yakhe enamanxeba amaningi okudutshulwa kuWindsor Road ePinetown ngoNovemba 2021," kusho amaphoyisa ngesitatimende.