BASALE budengwane abagibeli bamatekisi ahamba amabanga amade erenki yaseDurban Station, eThekwini ngesikhathi kuma-nse ukuhamba kwawo.
Izikhulu zamatekisi zikhale ngokugqoza kokukhishwa kwezimvume zokusebenza ngaboMnyango wezokuThutha kulesi sifundazwe okwenza kugcine izimoto zabo zivalelwa zingasebenzi ngenxa yokungabi nazo izimvume.
Akusikhona okokuqala osomatekisi bemisa ukusebenza njengoba ngo-Juni nonyaka bavala imigwaqo emikhulu okwakubalwa kuyo uthelawayeka uN2 ePort Shepstone no-N3 eThekwini bekhala ngayo inkinga yezimvume okwaholela ekutheni kuze kufike uKhomishana wamaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi.
UMnuz Sizwe Mkhwanazi obesuka eMtubatuba ezogibela ematekisini ase-Durban Station elibhekise eMnambithi, ekhuluma neSolezwe uthe akazi noma bazogcina bezitholile yini izimoto njengoba kungahambi lutho.
“Ngisazama izindlela zokuthi ngihambe ngoba kusasa ngidingeka emsebenzini. Inkinga umsebenzi ubalulekile manje uma ngingakwazi ukuhamba angazi nokwazi ukuthi ngizomisa kanjani” kusho uMkhwanazi.
UNksz Phumlile Mabaso obesuka KwaNyuswa elibhekise eMnambithi, uthe uhlukumezekile ngokuthi izimoto zokuhamba azikho.
“Kumele ngiye emsebenzini kusasa, angazi ngizohamba ngani. Akuhlali kahle ukufika erenki izimoto zingekho futhi ayikho eminye imizamo engingayenza ukuze ngithole imoto yokuhamba ngoba nginesiqiniseko sokuthi nakulaba abacela o-lift bavalile. Akukho engingakwenza ngaphandle kokuhlala la (esho erenki) sizwe ukuthi bathini,” kusho uNksz Mabaso.
USihlalo wamatekisi amabanga amade eDurban Station, uMnuz Bhekisisa Nzuza, uthe akume ukuboshwa kwezimoto zabo kuze kulunge indaba yezimvume.
“Kudala silokhu sitshelwa ukuthi izimvume zikhona kodwa sifike zingalungisiwe. Ekugcineni iziliphu abasinika zona azisisebenzeli, izimoto zethu ziyadliwa iKwaZulu-Natal yonke. Ngeke siyeke ukubhikisha uma izimoto zethu zisaboshiwe,” kusho uNzuza.
Uthe ezinye izinhlangano zamatekisi ezithintekayo kulo mbhikiso zingaphezu kuka-40
“Kuthinteka awaseMbazwane, Hluhluwe, Hlabisa, Nongoma, Mahlabathini, Gingindlovu, , eMnambithi, eShowe naseNewcastle ukubala abambalwa. Sinqume ukuteleka ukuze abantu babone ukuthi uma siboshelwa izimoto ayikho into esikwazi ukusebenza ngayo,” ubeke kanje.
UNzuza uveze nokuthi uDisemba ungashaya besaqhubeka nombhikisho uma le nkinga ingalungiswa. Uthe uma bengabahambisi bantu kugcina sekuphazamiseka izinhlelo zokuhlolwa kwezingane ezikoleni.
Khonamanjalo uMnuz Ndabezinhle Sibiya okhulumela uMphathiswa wezokuThutha nokuHlaliswa kwaBantu KwaZulu-Natal, uMnuz Sboniso Duma unxuse abashayeli ukuthi beze emnyangweni bazolanda izimvume.
“Izimvume okumele zilandwe zingu-115. Ezazizophelelwa isikhathi ezinsukwini ezingu-60 zazingu-84 kanti izimvume ezase ziphelelwe isikhathi zaziyisishiyagalolunye kanti umnyango usukhiphe izimvume ezingaphezu kuka-170 amatekisini asebenzayo eThekwini,” kusho uSibiya.