SEBEPHENDUKE ondingasithebeni abahlali basebhilidini uStrathdon elisekhoneni lomgwaqo uPark no-Maud Mfusi enkabeni yeTheku njengoba bekhishiwe kuleli bhilidi.
Izimpahla zabo okubalwa kuzo imibhede, amafriji, amathelevishini nokunye, kusaphazwe emgwaqweni ngoba kuthiwa abanazo izincwadi eziyisivumelwano sokuqashisa futhi bahleli ngokungemthetho.
Omunye wabahlali ongathandanga ukudalulwa ngoba ebona engaphephile, utshele Isolezwe ukuthi abantu abakhishwayo abahlala kuleli bhilidi ngokungemthetho.
“Into ebuhlungu ukuthi kukhishwa nabantu abanezivumelwano zokuqasha. Kuthiwa abakhiphe zona lezi zincwadi ezingekho kubona ezikumuntu owadayisa ibhilidi. Uma sizama ukubafonela, laba esenza nabo isivumelwano sokuqashisa bona basikhomba kwabathenga ibhilidi,” kusho lo mhlali.
Uthe leli bhilidi beselifana nezindlu zomxhaso kubo.
“Kunabantu abese behlale iminyaka engu-27 kuleli bhilidi. Asinayo nendawo esizoya kuyo njengoba sesilahlwe ngaphandle nje. Akekho umuntu osichazelayo ngalokhu okwenzekayo. Abantu abadayisa ibhilidi asibatholi ezingcingweni, kanti laba abasikhiphayo bathi ibhilidi balithenga endalini,” usho kanje.
Uqhube wathi imali yerenti bebeyikhokha njalo ngenyanga, kushintshe njengoba sekufike abaphathi abasha bebhilidi.
“Besesingazi ukuthi imali yerenti sizoyikhokha kubani. Sathunyelelwa izincwadi sitshelwa ukuthi kumele siyikhokhe kubaphathi abasha okungabaphathi esingenaso isivumelwano nabo. Sizamile nokuthola ummeli osithembise ukuthi lolu daba uzolufaka enkantolo, asingayikhokhi irenti okwamanje size sibathole laba esilwa nabo.”
Uthe ngeke aqinisekise ukuthi imali yerenti bekuyimalini, kodwa abantu abebefaneleka ukuthi bahlale bekungabantu abahola imali elinganiselwa ku-R3 500 kuya phezulu, ebese bekhokha imali yerenti engu-R1 500 noma u-R1 800 kushiyana ngesivumelwano obanaso.
Amanye amabhilidi okukhishwe kuwo abahleli ngokungemthetho yiCarlen Cort, Tarbora neWeltevrede.
Ayiphumelelanga imizamo yokuthola abanikazi bamabhilidi ukuze baphawule.
Nakhu okumele ukuqaphele uma urenta noma uthenga ibhilidi:
Kumele wazi umnikazi walelo bhilidi futhi kumele ube nesivumelwano sokuqashisa.Kumele ukhokhe irenti ngesikhathi ukuze ugweme ukuxoshwa. Uma umninindlu ekuxosha ngaphandle kokukunika isaziso, unelungelo lokumbika kwa-Rental Housing Tribunal noma ubathinte ku-031 372 1800/02/03/04 noma uthumele i-email [email protected]