INHLOKO yoKlebe kuzwelonke, uLt. Gen Godfrey Lebeya, ithi sebebophe abantu abawu-33 abathinteka ekudliweni kukaR2 billion webhange i-VBS Mutual Bank elawa nemali yabantu.
NgoLwesihlanu uLebeya uthe sekusele kancane babophe abawu-43 abasele njengoba sebeqoqe izitatimende eziwu-2 900 ophenyweni lwabo oluqhubekayo.
I-VBS Mutual Bank yawa ngo-2019 emuva kokubhubhudlwa kwemali.
Kwakukhona omasipala abawu-14 ababelondoloze kuyo imali nabantu abangaphezu kuka-20 000.
ULebeya uthe bazolandelwa bonke abadla imali yaseVBS ngoba oKlebe abamile ukusebenza.
Ukuwa kweVBS kwenza ukuthi ibhange lombuso, iSouth African Reserve Bank, lisungule umshwalense ozovikela abantu uma kuwa amabhange.
Lo mshwalense obizwa nge-Corporation for Deposit Insurance (Codi) olunxephezela abantu ngemali efinyelela kuR100 000.
Khonamanjalo uLebeya uthe luyaqhubeka nodaba lokubopha abathinteka ekudliweni kukaR200 billion eSteinhoff.
Kuzokhumbuleka ukuthi owayeyisikhulu esiphezulu uMnuz Markus Jooste, wazibulala emuva kokuboshwa.
Kubuye kwaboshwa owayephethe imali kule nkampani uMnuz Benjamin La Grange ozinikele koKlebe wadedelwa ngebheyili kaR150.000. Uzobuyela enkantolo ngo-Okthoba 4.
ICosatu ithe iyajabula ngokuboshwa kwezikhulu zaseSteinhoff ngoba kukhona noMnuz Stehan Grobler owayebhekelele ezomthetho kule nkampani.
Ithe kufanele baboshwe bonke abathinteka enkohlakalweni yaseSteinhoff ngoba abasebenzi balahlekelwa wuR4.3 billion.
Icele iFinancial Sector Conduct Authority ukuthi iqhubeke nokulanda uR475 million owawuhlawuliswe uJooste nezinye izimali ayezithukusile.