ISHIYE emhlabeni ingane enezinyanga ezintathu enye yamadoda ayisishiyagalombili edutshulwe yashona nge-AK47 behlaselwa ehostela eGlebelands, eMlaza, ngoMgqibelo entathakusa.
UMnuz Phakamani Majozi (35) ushone nomfowabo, uMnuz Nkululeko Majozi, bephuza utshwala endlini eseBlock 57, bengenelwa abahlaseli.
Kushone abantu abayisishiyagalombili kwalimala abathathu abaphuthunyiswe esibhedlela.
Amaphoyisa afuna uthuli ababulali njengoba ethe umnikazi wendlu uphume ngewindi wathola imihuzukwana.
Omunye wabantu abalwaziyo lolu daba, ocele ligodlwe igama lakhe ngenxa yokwesaba, uthe uMajola (Phakamani) ushiye unina wengane yakhe ngoLwesihlanu ebusuku, wayophuza nabanye.
Uqhube wathi bathukile sebezwa ngo-3 entathakusa ukuthi akasekho emhlabeni.
“Simshiye ekhungathekile futhi ephazamisekile nasemqondweni ngenxa yalesi sigameko unina wengane. Washonelwa omunye uyise wengane yakhe ngesikhathi somtapo ngoJulayi, 2021, ngoba manje sekushona omunye emshiya nengane enezinyanga ezinthathu,” kusho ilungu lomphakathi.
Lidalule ukuthi abashonile badabuka eHarding, kanti bebekade beyisithupha abahlaseli behlome ngama-AK47.
“Abahlaseli baqale badubula babulala owesilisa ephaseji okubikwa ukuthi kuthe ngesikhathi ehlangana nala madoda, wawabuza ukuthi ‘ambukani lezi zinto ezimbi’. Adlule lapho aqonda ngqo endlini yesigameko, angabuza lutho avulela ngenhlamvu,” kusho leli lungu.
Isihlobo esilinyalelwe umfowabo kulesi sehlakalo naso esicele kugodlwe igama laso nelikamfowabo, sithe umgilwa usathukile njengoba edutshulwe amahlandla amane emzimbeni wasinda.
“Udubuleke esiphangeni kabili, ezinqeni nasemlenzeni. Umfowethu usitshele ukuthi bangenelwe abafana endlini bezihlalele bephuza utshwala, babavalela ngaphakathi bangachaza lutho, babadubula,” kusho isihlobo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uBrigadier Jay Naicker, uthe uphenyo lusingethwe abaphenyi ezingeni lesifundazwe.
Uthe bebengu-12 abantu abebekade besendlini ngesikhathi sesehlakalo.
“Ababili baphume bengenamyocu, kwathi abathathu balimala kuhlanganisa nomnikazi wendlu ophume ngewindi lendlu esesitezi sesibili. Uthole ukulimala ngaleyo ndlela,” kusho uNaicker.
Udalule ukuthi enye yamadoda elimalile yaphuthunyiswa esibhedlela, ishonele khona okwenza isibalo sabashonile babe yisishiyagalombili.
Amaphoyisa acela umphakathi uwahlinzeke ngolwazi oluzoholela ekuboshweni kwabahlaseli ngokuthi bashayele inombolo yeCrime Stop ethi: 08600 10111.
UNgqongqoshe wezokuPhepha nokuNxunyaniswa koMphakathi KwaZulu-Natal, uMnuz Sipho Hlomuka, uthe uxhumane nobuholi bamaphoyisa esifundazweni ukuze kuphuthunyiswe uphenyo ngalesi sigameko.