BASABISE ngokugqugquzela wonke amalungu eqembu loMkhonto weSizwe Party ukuthi anqamule ubulungu bawo nebhange i-First National Bank uma liqhubeka nokuvala i-akhawunti yowayenguMengameli weZwe uMnuz Jacob Zuma.
Idlanzana lamalungu e-MK Party elimashele emahhovisi aleli bahange eThekwini, izolo lidlulisele uhlu lwezikhalo kwiziphathimandla zalo, ezinikezwe umnqamulajuqu wezinsuku eziyisikhombisa ukuthi zivule ama- akhawunti kaZuma.
Obehola le mashi uMnuz Bhekisisa Ngcobo efunda uhlu lwezikhalo, usole ibhange ngokuba nenhlese yezepolitiki odabeni lokuvalwa kwama -akhawunti.
“Sifuna ukuthi ibhange livule ama-akhawunti kaZuma kungenjalo wonke amalungu e-MK Party azolishiya phansi ibhange ukukhombisa ukuzwelana nomholi walo. Sifuna futhi leli bhange linxephezele uZuma ngokumthunaza isithunzi emphakathini limvalela ama-akhawunti akhe,” usho kanje.
Leli bhange ngesikhathi kuvela izindaba zokuvalwa kwe-akhawunti kaZuma, liqinisekise ukuthi ayivaliwe, kodwa kuvalwe kuphela imali ephumayo, i-akhawunti iyasebenza. Kuthiwa lokhu kwenziwe ukulandela umyalelo weNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu.
Ngokwemibiko yabezindaba, isinqumo i-akhawunti yase-FNB kaZuma ivela njengokufakwa kuyo imali-mboleko engu-R7.8 million evela ebhange i-VBS, okumele ayikhokhe.
UNobhala-Jikelele we-ANC uMnuz Fikile Mbalula ekhasini lakhe kwi- X, ucashunwe eveza ukuthi kungamanga aluhlaza okushiwo abe-MK Party njengoba befuna ukuphendula udaba lwesikweletu sikaZuma lubukeke njengento yezepolitiki.
“Njengawo wonke umuntu owenze isikweletu, kumele asikhokhe. Waboleka imali ngakho kufanele ayikhokhe. Uma imali ingakhokhwa, ibhange linomthwalo wokuya kunoma iyiphi inkantolo ukuzama ukuthola izindlela elingakhokheleka ngazo mali yalo,” kubhalwe kanje.